Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 34:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Zanini, bantwana, ningilalele; ngizakunifundisa ukumesaba uJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Wozani bantwana, lalelani kimi, ngizonifundisa ukwesaba uSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Wozani, bantwana, ningilalele, nginifundise ukumesaba uJehova.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 34:11
20 Referans Kwoze  

Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.


Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; banengqondo enhle bonke abakwenzayo. Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.


Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo; ngizakukululeka ngeso lami.


“Ngubani ayakumfundisa ukwazi, aqondise bani umbiko, na? Yibo abalunyuliweyo obisini, basuswa emabeleni, na?


Ngiyathanda abangithandayo; abangifunayo bayakungifumana.


Ngalokho, bantwana, ngizweni, nilalele amazwi omlomo wami.


Zwanini, madodana ami, ukulaya kukayise, nilalele, ukuze nazi ukuqonda.


Wozani nizwe nina nonke enesaba uNkulunkulu; ngizakulandisa akwenzele umphefumulo wami.


Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulile, angasuki kuyo.


nokuthi kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele enamandla okukuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu.


“Ngalokho, bantwana, ngizweni, ngokuba babusisiwe abagcina izindlela zami.


Thokoza, nsizwa, ebusheni bakho, inhliziyo yakho ikuphe ukwenama emihleni yobunsizwa bakho, uhambe ngezindlela zenhliziyo yakho njengokubona kwamehlo akho, kepha yazi ukuthi ngakho konke lokho uNkulunkulu uyakukungenisa ekwahlulelweni.


“Bantwanyana, ngise khona nani isikhashana. Niyakungifuna, nanjengalokho ngasho kubaJuda ukuthi lapho ngiya khona ningeze nina, ngisho nakinina manje.


Ibhubesi elinamandla liyabhubha ngokuswela impango; amawundlu ebhubesikazi ayahlakazeka.


UJehova ungumalusi wami, angiyikuswela.


Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo; umphefumulo olambayo uyawugcwalisa ngokuhle.


Ingcebo nemfuyo kusendlini yakhe; ukulunga kwakhe kumi phakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite