Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 33:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ayikho inkosi esindiswa ngobuningi bempi yayo; isiqhwaga asikhululwa ngobukhulu bamandla aso.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Inkosi ayisindiswa wubuningi bempi yayo; iqhawe alikhululwa ngamandla alo amakhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Akukho nkosi esindiswa ngobuningi bempi; iqhawe alisindiswa ngamandla amakhulu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 33:16
32 Referans Kwoze  

Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga; kepha kwaba yisandla sakho sokunene, nengalo yakho, nokukhanya kobuso bakho, ngokuba wawubathanda.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazibongi ngokuhlakanipha kwakhe, neqhawe malingazibongi ngobuqhawe balo, nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe,


Abantwana bakwa-Amoni nabakwaMowabi bamelana nabakhileyo entabeni yaseSeyiri ukuba babachithe, babaqothule; sebebaqedile abakhileyo eSeyiri basiza, kwaba yilowo nalowo, ngokubulalana bodwa.


UJehova wathi kuGideyoni: “Abantu abanawe baningi kakhulu ukuba nginikele abakwaMidiyani esandleni sabo, funa u-Israyeli aziqhenye ngakimi ngokuthi: ‘Isandla sami singisindisile.’


Amanzi abuyela, asibekela izinqola, nabamahhashi, nayo yonke impi kaFaro eyangena elwandle emva kwazo; akwasala noyedwa kubo.


UJehova wathuma ingelosi eyanquma onke amaqhawe anamandla, nabaholi, nezinduna ekamu* lenkosi yase-Asiriya. Yayisibuyela ezweni layo ijabhile. Isingenile endlini kankulunkulu wayo, ababephume ezibilinini zayo bayibulala khona ngenkemba.


Nkulunkulu wethu, awuyikubahlulela na? Ngokuba asinamandla ebusweni balesi sixuku esikhulu esisifikelayo; futhi asazi ukuthi siyakwenze njani, kodwa amehlo ethu akuwe.”


Kwaphuma iqhawe elikhulu ekamu* lamaFilisti, igama lalo linguGoliyati waseGati, obude bakhe buyizingalo eziyisithupha nesandla.


Ngalokho nginike manje le ntaba uJehova akhuluma ngayo ngalolo suku, ngokuba wezwa wena ngalolo suku ukuthi ama-Anaki ayelapho enemizi emikhulu ebiyelweyo; mhlawumbe uJehova uyakuba nami, ngiwaxoshe njengokukhuluma kukaJehova.”


UBeni Hadadi wayesethumela kuye, wathi: “Onkulunkulu mabenze njalo kimi, benezele futhi, uma uthuli lwaseSamariya luyakwanela abantu bonke abasezinyathelweni zami ukuba babe nokhweshe.”


UJehova wathi kuGideyoni: “Abantu base baningi; behlisele ngasemanzini, ngikulingele bona khona; kuyakuthi lowo engizakusho ngaye kuwe ukuthi: ‘Lo uzakuhamba nawe,’ yena ahambe nawe; nalowo engizakusho ngaye kuwe ukuthi: ‘Lo akayikuhamba nawe,’ yena akayikuhamba.”


“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kepha ababi bayakuthuliswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakwahlula ngamandla.


Wayesebala izinsizwa zezikhulu zezifunda, zazingamakhulu amabili namashumi amathathu nambili; emva kwazo wabala abantu bonke, bonke abantwana bakwa-Israyeli, beyizinkulungwane eziyisikhombisa.


“Manje nithi niyakumelana nobukhosi bukaJehova obusesandleni samadodana kaDavide, lokhu niyisixuku esikhulu, futhi kukhona amathole egolide enenzelwa wona nguJerobowamu ukuba abe ngonkulunkulu benu.


Akabuyisi amehlo akhe kwabalungileyo, kepha ubahlalisa namakhosi ezihlalweni zobukhosi, baphakame kuze kube phakade.


Ungayethemba, ngokuba amandla ayo makhulu, ushiye umshikashika wakho kuyo, na?


Bayathoba, bawe; kepha thina siyavuka, sime.


Ngabuye ngabona phansi kwelanga ukuthi ukujaha akuyi ngabanejubane, nokulwa ngamaqhawe, nesinkwa ngabahlakaniphileyo, nengcebo ngabaqondileyo, nomusa ngabanokwazi, ngokuba bonke bahlangabezana nesikhathi nethuba.


“Ningasho kanjani ukuthi: ‘Singamaqhawe namadoda anamandla okulwa’ na?


Nilime ububi, navuna okubi; nidlile izithelo zamanga, ngokuba nethemba endleleni yenu nakubo ubuningi bamaqhawe enu.


Onejubane uyakuswela ukubaleka; onamandla akayikuqinisa amandla akhe, neqhawe aliyikuzikhulula.


Obambe umnsalo akayikuma; onejubane ngezinyawo zakhe kayikuzikhulula, nokhwele ihhashi akayikuzikhulula;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite