Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 33:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Sibusisiwe isizwe esiNkulunkulu waso nguJehova, isizwe asikhethileyo sibe yifa lakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Sibusisiwe isizwe esiNkulunkulu waso unguSimakade, isizwe azikhethele sona saba yifa lakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Sibusisiwe isizwe esiNkulunkulu waso nguJehova; nabantu abakhethile njengefa lakhe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 33:12
17 Referans Kwoze  

babusisiwe abantu abanjalo; babusisiwe abantu abaNkulunkulu wabo unguJehova.


kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;


Aningikhethanga nina, kodwa mina nginikhethile nina, nganibeka ukuba niphume, nithele izithelo, nezithelo zenu zihlale ukuba noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona.


njengalokho asikhethela kuye ngothando ngaphambi kokusekelwa kwezwe ukuba sibe ngcwele, singabi nakusolwa phambi kwakhe;


Ubusisiwe omkhethayo wena, omsondezayo ukuba ahlale emagcekeni akho; siyakusutha ngokuhle kwendlu yakho, ithempeli lakho elingcwele.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.


Ubusisiwe wena Israyeli; ngubani ofana nawe, isizwe esisindisiwe nguJehova oyisihlangu sosizo lwakho, oyinkemba yakho ephakanyisiweyo. Izitha zakho ziyakuzithobela wena, unyathele izindawo zabo eziphakemeyo.”


Ngokuba uJehova uzikhethele uJakobe, no-Israyeli ukuba abe yimfuyo yakhe.


Oyisabelo sikaJakobe akanjengalezo, ngokuba nguye obumbile konke; u-Israyeli uyisizwe sefa lakhe, nguJehova Sebawoti igama lakhe.


Sindisa abantu bakho, ubusise ifa lakho, ubaluse, ubathwale kuze kube phakade.


Wathi: “Nkosi, uma ngifumene umusa emehlweni akho, iNkosi mayihambe iphakathi kwethu, ngokuba bangabantu abantamo ilukhuni; usithethelele ububi bethu nokona kwethu, usithabathe sibe yifa lakho.”


Ngokuba isabelo sikaJehova singabantu bakhe; uJakobe uyisiqephu sefa lakhe.


Mina ngingowokuthula nothembekileyo kwa-Israyeli; wena ufuna ukuchitha umuzi nonina kwa-Israyeli; uyakuligwinyelani ifa likaJehova na?”


ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite