Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 33:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 UJehova uchitha icebo labezizwe; uphuthisa imicabango yabantu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 USimakade ushafisa icebo labezizwe, afojise amacebo ezizwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 UJehova uyachitha icebo lezizwe; Uchitha amacebo abantu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 33:10
23 Referans Kwoze  

Ngokuba babehlosa okubi, baceba icebo; kepha bayahluleka.


oshafisa izibonakaliso zabaprofethi bamanga, enze ababhuli ukuba bahlanye, obuyisela emuva abahlakaniphileyo, enze ukwazi kwabo kube ngubuwula;


Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, nesiluleko, okungamelana noJehova.


Kwabikwa kuDavide ukuthi: “U-Ahithofeli uphakathi kwabozungu luka-Abisalomu.” Wayesethi uDavide: “Jehova, mawuntumazelise amasu ka-Ahithofeli.”


Ungazivumeli, Jehova, izifiso zababi; ungaphumelelisi amacebo abo, funa baziphakamise. Sela*


Abezizwe bashone phansi egebeni abalenzileyo; unyawo lwabo lubhajwe esihibeni abasifihlileyo.


Lapho u-Ahithofeli ebona ukuthi isiluleko sakhe asilandelwanga, wayibophela imbongolo yakhe, wasuka, waya ekhaya emzini wakhe, wayala ngendlu yakhe, waziphanyeka, wafa, wembelwa ethuneni likayise.


Umoya waseGibithe uyakuba yize ngaphakathi kwalo; ngiyakuchitha amasu alo; bayakufuna onkulunkulu, nezinyanga, nabanamadlozi, nabathakathi.


Thokozani, mazulu, ngokuba uJehova ukwenzile, nijabule nina zindawo eziphansi zomhlaba, niqhumuke ngokuhlabelela nina zintaba, nawe hlathi nayo yonke imithi ekuwe, ngokuba uJehova umhlengile uJakobe, ngokuhlabelela wazidumisa ngo-Israyeli.


U-Abisalomu nabantu bonke bakwa-Israyeli bathi: “Isiluleko sikaHushayi umArki singcono kunesiluleko sika-Ahithofeli.” Ngokuba uJehova wayenqumile ukuba kushafiswe isiluleko esihle sika-Ahithofeli, ukuze uJehova amehlisele u-Abisalomu okubi.


kepha uma ubuyela emzini, uthi ku-Abisalomu: ‘Ngiyakuba yinceku yakho, nkosi; kade ngiyinceku kayihlo, manje ngiyakuba yinceku yakho,’ khona uyakungishafisela amasu ka-Ahithofeli.


Kanjalo uJehova wabahlakazela emhlabeni wonke, bephuma lapho; bayeka ukwakha umuzi.


Umuntu lowo kaNkulunkulu wathumela enkosini yakwa-Israyeli, wathi: “Qaphela ukuba ungadluli kuleyo ndawo, ngokuba ama-Aramu aseyaphumula khona.”


Kepha sakhuleka kuNkulunkulu wethu, sabamisela abalindi imini nobusuku ngenxa yabo.


“ ‘Ngiyakuchitha kule ndawo amasu akwaJuda naseJerusalema, ngibawise ngenkemba phambi kwezitha zabo, nangesandla sabafuna ukuphila kwabo, nginike izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba.


“ ‘Okungenayo ezinhliziyweni zenu akuyikuba khona impela, lokhu enikushoyo ukuthi: “Siyakuba njengezizwe, njengemindeni yamazwe, ukuba sikhonze umuthi namatshe.”


Uma u-Edomi ethi: “Sichithiwe, kepha siyakubuye sakhe izincithakalo,” usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bayakwakha bona, kepha mina ngiyakudiliza, babizwe ngokuthi uMkhawulo Wobubi, nabantu uJehova abathukuthelelayo kuze kube phakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite