Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 32:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngakho-ke yilowo nalowo olungileyo makakhuleke kuwe ngesikhathi sokukufumana; impela kuyakuthi lapho amanzi amakhulu ekhukhula, angafinyeleli kuye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Makuthi bonke abethembekileyo bakhuleke kuwe ngesikhathi senhlupheko; impela isikhukhula esinamandla asiyukufinyelela kubo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngenxa yalokhu bonke abangcwele bayakukhuleka kuwe ngesikhathi sokufunyanwa kwakho; impela, emifuleni yamanzi amaningi abayikusondela kuye.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 32:6
24 Referans Kwoze  

Mfuneni uJehova esenokutholwa, nimbize eseseduze.


Lapho udabula emanzini, mina nginawe; nasemifuleni, ayiyikukukhukhula; lapho uhamba emlilweni, awuyikusha, nelangabi aliyikukushisa.


ngokuba uthi: “Ngesikhathi esihle ngikuzwile, nangosuku lwensindiso ngakuhlangulisa;” bheka, manje kuyisikhathi esihle kakhulu; bheka, manje kulusuku lwensindiso; –


Niyakungifuna, ningangifumani, nalapho ngikhona, ningeze nina.”


“Khona bayakungibiza, kepha angiyikuphendula; bayakungifunisisa, kepha abayikungifumana


Yazini ukuthi uJehova uzahlukanisele omesabayo; uJehova uyezwa lapha ngikhala kuye.


Yelula isandla sakho phezulu, ungikhulule, ungophule emanzini amakhulu nasesandleni sabafokazi


Utwa lubizana notwa ekuhlokomeni kwezimpophoma zakho; onke amadlambi akho namaza akho eqile phezu kwami.


Wabeka igama elisha emlonyeni wami, igama lokubonga uNkulunkulu wethu; abaningi bayakukubona, besabe, bamethembe uJehova.


uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje,


osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, nolunjani, ngenduduzo esiduduzwa ngayo nathi nguNkulunkulu.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngiyakuphendula ngesikhathi somusa, ngosuku lokusindiswa ngiyakusiza; ngiyakukulondoloza, ngikubeke ube yisivumelwano sabantu sokubuyisa izwe nokubenza badle amafa achithekileyo,


kepha ngahawukelwa ngalokhu ukuze uJesu Kristu abonakalise kimi engingesikhulu konke ukubekezela kwakhe, ngibe yisibonelo kwabazakukholwa nguye, baze babe nokuphila okuphakade.


Bayakuwa abayizinkulungwane ngaseceleni kwakho, nabayizinkulungwane eziyishumi ngakwesokunene sakho, kepha akuyikufinyelela kuwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite