Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 32:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kwathi ngithule, amathambo ami aguga ngokububula kwami usuku lonke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Ngenkathi ngithule, amathambo ami awohloka ngenxa yokububula usuku lonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Lapho ngithule, amathambo ami aguga ngenxa yokubhonga kwami usuku lonke.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 32:3
26 Referans Kwoze  

Ngibuthakathaka, ngidubekile kabi; ngiyakhala ngenxa yokugqiha kwenhliziyo yami.


Akukho ukuphila enyameni yami ngenxa yentukuthelo yakho; akukho ukuthula emathanjeni ami ngenxa yesono sami.


Nalapho ngikhala ngicela ukusindiswa, uyavalela umkhuleko wami.


Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Ukude namazwi okubububula kwami nokusindiswa kwami.


Abakhalanga kimi ngezinhliziyo zabo, kepha bahhewula emibhedeni yabo; banovalo ngamabele abo nangewayini labo, kepha mina bayangihlubuka.


Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.


Isikhumba sami simnyama, siyebuza kimi; amathambo ami ashile ngokushisa.


Ngizwise intokozo nenjabulo, ukuze ethabe amathambo owachobozileyo.


Ugugisile inyama yami nesikhumba sami, waphula amathambo ami.


UJuda uthunjiwe ngenxa yokuhlupheka nobugqila obuningi; uhlala phakathi kwabezizwe, katholi ukuphumula; bonke abamzingelayo bamfica ephakathi kobuhlungu.


Siyagwavuma sonke njengamabhere,* siyalilisela nokulilisela njengamajuba; silindela ukwahlulela, kepha akukho, nokusindiswa, kepha kukude nathi.


Amadodana akho adangele, alala ezihlokweni zezitaladi zonke, njengewula esihibeni; agcwele ukufutheka kukaJehova nokukhuza kukaNkulunkulu wakho.


Yiba nomusa kimi, Jehova, ngokuba ngidangele; ngiphilise, Jehova, ngokuba amathambo ami ayathuthumela,


Ebusuku amathambo ami ayabhotshozwa, asuke kimi; ubuhlungu obungigedlayo abuphumuli.


Ukugquma kwami kufika phambi kwesinkwa sami, nokububula kwami kuthululwa njengamanzi,


Sekuphelile ukulila, uDavide wathuma wamletha endlini yakhe; waba ngumkakhe, wamzalela indodana. Kepha leyo nto eyenziwe nguDavide yayimbi emehlweni kaJehova.


Ngenxa yobubi bokuhaha kwakhe ngathukuthela, ngamshaya, ngazisitheza ngisathukuthele, kepha waqhubeka wahlubuka ngendlela yenhliziyo yakhe.


Athatha amathambo abo, awembela phansi komtamariske* eJabeshi, azila ukudla izinsuku eziyisikhombisa.


Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle, kepha umoya owaphukileyo uyomisa amathambo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite