Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 31:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami; ngenxa yegama lakho uyakungihola, ungiqondise.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Impela Wena uyidwala lami nenqaba yami; ngenxa yegama lakho uyangihola, ungiqondise.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami; ngalokho ngiqondise ngenxa yegama lakho, ungiqondise.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 31:3
21 Referans Kwoze  

ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa nokuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula.”


Sisize, Nkulunkulu wensindiso yethu, ngenxa yenkazimulo yegama lakho; usikhulule, usithethelele izono zethu ngenxa yegama lakho.


Kepha nxa esefikile yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso; ngokuba akayikukhuluma ngokwakhe, kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo.


Noma izono zethu zifakaza ngathi, sebenza, Jehova, ngenxa yegama lakho; ngokuba ukuhlehla kwethu kuningi, sonile kuwe.


Abayikulamba, abayikoma, abayikushaywa yisifudumezi nelanga, ngokuba yena onomusa kubo uyakubahola, abayise emithonjeni yamanzi.


ubone, uma kukhona indlela yosizi kimi, ungiholele endleleni yaphakade.


Thuma ukukhanya kwakho neqiniso lakho, kungihole, kungiyise entabeni yakho engcwele nasezindlini zakho,


Ngenxa yegama lakho, Jehova, ngithethelele ukona kwami, ngokuba kukhulu.


Ngihambise eqinisweni lakho, ungifundise, ngokuba wena unguNkulunkulu wensindiso yami; ngilindela wena usuku lonke.


Wabahola ngensika yefu emini nangensika yomlilo ebusuku ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.


Abathobekileyo ubaholela kokulungileyo, abathobekileyo ubafundisa indlela yakhe.


Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami; uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo.


nokho wena ngomusa wakho omkhulu awubashiyanga ehlane; insika yefu ayisukanga phezu kwabo emini ukubahola endleleni, nensika yomlilo ebusuku ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.


Ngokuba amaKhanani nabo bonke abakhileyo ezweni bayakukuzwa, basihaqe, banqume igama lethu emhlabeni; uyakwenzela ntoni igama lakho elikhulu na?”


ukuze sibe ludumo lwenkazimulo yakhe, thina esethemba ngaphambili kuKristu;


Yiba kimi idwala lokuhlala, ukuze ngiye kulo njalonjalo; ukuyalezile ukusindiswa kwami, ngokuba uyidwala lami nenqaba yami.


Ngokuba izinsuku zami ziphelile njengomusi; amathambo ashile njengezinkuni.


Ngokuba ubekile indlebe kimi ngiyakukhuleka kuye zonke izinsuku zami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite