Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 31:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngenxa yezitha zami zonke sengaba yisihlamba, ikakhulu kubakhelwane bami ngaba ngobesabisayo abangane bami; abangibona endleleni bayangibalekela.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Ngiyisigcono sazo zonke izitha zami, ingasaphathwa-ke eyomakhelwane bami. Sengiyinto esabisayo kubangani bami. Engihlangana nabo emgwaqweni bayangibalekela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngaba yisihlamba phakathi kwazo zonke izitha zami, ikakhulukazi phakathi komakhelwane bami, nengebhe phakathi kwezihlobo zami; abangibona ngaphandle bangibalekela.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 31:11
24 Referans Kwoze  

Abathandekayo bami nabahlobo bami bemi kude nokuhlupheka kwami; abakwethu bemi kude laphaya.


Engikade ngazana nabo ubaxoshele kude, wangenza ngibe yisinengiso kubo; ngivalelwe, ngingephume.


Kepha konke lokho kwenzekile ukuba kugcwaliseke imibhalo yabaprofethi.” Khona bonke abafundi bamshiya, babaleka.


Isihlobo nomngane ubaxoshele kude; ubumnyama bungumhlobo wami.


Usho kanje uJehova, uMhlengi ka-Israyeli noNgcwele wakhe, kodelelwa nokudelelwa noyisinengiso esizweni, koyinceku yababusi, uthi: “Amakhosi ayakubona, asukume, izikhulu zibone, zikhothame ngenxa kaJehova othembekile, oNgcwele ka-Israyeli okukhethileyo.”


Bayakuwiswa, baficwe lulimi lwabo; bonke abababonayo bayonikina ikhanda.


Uma nithukwa ngenxa yegama likaKristu, nibusisiwe, ngokuba uMoya wenkazimulo nokaNkulunkulu uhlezi phezu kwenu.


Masiphumele kuye ngaphandle kwekamu*, sithwale ihlazo lakhe.


abanye balingwa ngokujivazwa nokushaywa, yebo, nokuboshwa nokufakwa etilongweni;


Ekuziphenduleleni kwami kokuqala kwakungekho muntu ongimelayo, kepha bonke bangishiya; makungabalelwa kubo lokho;


ngokuba noKristu akazithokozisanga yena, kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi: “Ukuthuka kwabakuthukayo kwehlela phezu kwami.”


Bamshiya bonke, babaleka.


Khona waqala ukuthuka nokufunga, wathi: “Angimazi lowo muntu.” Masinyane lase likhala iqhude.


Ngokuba indodana idelela uyise; indodakazi ivukela unina; umalokazana uvukela uninazala, nezitha zomuntu ngamadoda endlu yakhe.


Ngokuba nabafowenu nendlu kayihlo nabo bakukhohlisile, nabo bamemeza kakhulu emva kwakho; ungabethembi, noma bekhuluma okuhle kuwe.”


Kepha mina ngiyimphethu, angisiye umuntu; ngiyisithuko sabantu, ngiyindelelo yabantu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite