Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 30:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngokuba ukuthukuthela kwakhe kuba ngokomzuzwana nje, umusa wakhe uba ngowokuphila konke; kusihlwa kungena ukukhala, ekuseni ukujabula.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Ngokuba intukuthelo yakhe ingeyesikhashana, umusa wakhe umi ingunaphakade. Ukulila kungadonsa kuze kuhlwe; injabulo iqhamuke ekuseni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngokuba ukufutheka kwakhe kuba ngokomzuzwana nje; emseni wakhe kukhona ukuphila: ukukhala kuhlezi ubusuku, kepha ekuseni kukhona intokozo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 30:5
28 Referans Kwoze  

Ngokuba usizi lwethu olululana olungolomzuzwana luyasisebenzela isilinganiso esikhulu kakhulu senkazimulo emiyo phakade,


Babusisiwe abakhalayo, ngokuba bayakududuzwa.


Wozani, bantu bami, ningene emakamelweni enu, nizivalele iminyango, nicashe ngokuphazima kweso, kuze kudlule ulaka.


Akathethi njalonjalo; akagcini intukuthelo yakhe kuze kube phakade.


Uyakungazisa indlela yokuphila; ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho; intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube phakade.


Ngokuba umusa wakho umnandi kunokuphila; izindebe zami ziyakukudumisa.


Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho, ngethabele umusa wakho ekuseni, ngokuba uyinqaba yami, nesiphephelo ngosuku lokuhlupheka kwami.


UNkulunkulu uphakathi kwawo, awuyikuzanyazanyiswa; uNkulunkulu uyakuwusiza ngovivi lokusa.


Ngizwise umusa wakho ekuseni, ngokuba ngiyethemba kuwe; ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo, ngokuba ngiphakamisela kuwe umphefumulo wami.


Kepha umusa kaJehova uphezu kwabamesabayo kwaphakade kuze kube phakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,


UMoya nomlobokazi bathi: “Woza!” Nozwayo makathi: “Woza!” Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.


Masimazi, sijonge ukumazi uJehova; ukuphuma kwakhe kuqinisekile njengokusa; uyakufika kithi njengemvula, njengemvula yamuva enethisa umhlaba.


Wasala yedwa uJakobe; kwabambana naye umuntu, kwaze kwasa.


Wayesengikhombisa umfula wamanzi okuphila ucwebezela njengekristalu,* uvela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.


UNkulunkulu wathi futhi kuMose: “Uzakusho njalo kubo abantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘UJehova, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe, ungithumile kini.’ Yileli eliyigama lami kuze kube phakade, lesi siyisikhumbuzo sami ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Ngokuba uNkulunkulu uyinkosi yomhlaba wonke; hubani ihubo!


Jabulani kuJehova nina balungileyo, nibonge igama lakhe elingcwele.


Yonke imisebenzi yakho iyakukudumisa, abangcwele bakho bakubonge.


Uyakusho ngalolo suku ukuthi: “Ngiyakubonga, Jehova, ngokuba wangithukuthelela, kepha intukuthelo yakho isibuyile, uyangiduduza.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite