Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 3:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Vuka, Jehova, ungisindise, Nkulunkulu wami, ngokuba zonke izitha zami uzishayile emhlathini, amazinyo ababi uwaphulile.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Vuka, Simakade, ngisindise Nkulunkulu wami. Uzishayile zonke izitha zami emihlathini; wawawohloza amazinyo ezonakali.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Vuka, Jehova; ngisindise, Nkulunkulu wami, ngokuba uzishaye zonke izitha zami emhlathini; Uwaphulile amazinyo ababi.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 3:7
17 Referans Kwoze  

Yaphula amazinyo abo emlonyeni wabo, Nkulunkulu! Phohloza amazinyo omhlathi ezingonyama ezingamabhongo, Jehova!


Ngaphula imihlathi yowonayo, ngahlwitha impango emazinyweni akhe.


Bangikhamisela imilomo yabo, bangimukula esihlathini ngenhlamba, bangihlanganyela.


Wena kambe, Jehova Nkulunkulu Sebawoti, Nkulunkulu ka-Israyeli, vuka uphindisele bonke abezizwe, ungahawukeli namunye kwabahlubukileyo. Sela*


Vuka, Jehova! Nkulunkulu, phakamisa isandla sakho, ungakhohlwa abahluphekileyo.


Vuka, vuka, wembathe amandla wena mkhono kaJehova, vuka njengasezinsukwini zasendulo, ezizukulwaneni zamandulo. Akusuwe owamnquma kabili uRahabi, wamgwaza udrako,* na?


Sukuma, Jehova, ngentukuthelo yakho, uvuke ngenxa yolaka lwezitha zami, ungimele; ngokuba uyalezile ukwahlulela.


Buya, Jehova, ukhulule umphefumulo wami, ungisindise ngenxa yesihawu sakho.


Makanike isihlathi sakhe komshayayo, asuthe ngenhlamba.


mhla evuka uNkulunkulu ukuba ahlulele, asindise bonke abathobekileyo bomhlaba. Sela*


Usihoshelani isandla sakho, isandla sakho sokunene, na? Sihoshe esifubeni sakho, uzichithe.


Vuka, Nkosi! Ulaleleni na? Vuka, ungasilahli njalonjalo.


Vuka, usukumele ukwahlulelwa kwami, Nkulunkulu wami, Nkosi yami, umele icala lami.


“Ngenxa yokubandezeka kwabahluphekileyo nangokububula kwabampofu ngizakuvuka kalokhu,” usho uJehova, “ngimbeke ekusindisweni akulangazelelayo.”


Wo koshoyo kumuthi ukuthi: ‘Vuka!’ nakulo itshe eliyisimungulu: ‘Phaphama!’ Lokhu kungafundisa na? Bheka, kunamekwe ngegolide nangesiliva, kungekho neze umoya phakathi kwakho.


Ngokuba impi yahlakazeka khona ezweni lonke, ihlathi laqeda abantu abaningi ngalolo suku kunabadliwa yinkemba.


Noma impi imisa ngakimi, inhliziyo yami ayesabi; noma ngivukelwa ngukulwa, nokho nginethemba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite