Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 3:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kepha wena Jehova uyisihlangu kimi, uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Kepha Wena Simakade uyisihlangu kimi, uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kepha wena Jehova uyisihlangu sami; inkazimulo yami nokuphakanyiswa kwekhanda lami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 3:3
19 Referans Kwoze  

Nakalokhu ikhanda lami lizakuphakama ngaphezu kwezitha zami ezingihaqileyo; ngizakunikela iminikelo yokwethaba etendeni lakhe, ngihlabelele, ngidumise uJehova ngogubhu.


UJehova ungamandla ami nesihlangu sami; inhliziyo yami ithembe kuye, ngasizwa; ngakho-ke inhliziyo yami iyethaba; ngizakumdumisa ngesihlabelelo sami.


Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku-Abrama ngombono, lithi: “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho; umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”


Wena uyisiphephelo sami nesihlangu sami; ngiyethemba izwi lakho.


Ilanga alisayikuba ngukukhanya kuwe emini, nenyanga ayisayikukukhanyisela ngokukhazimula ebusuku; uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe, uNkulunkulu wakho abe ludumo lwakho.


Insindiso yami nodumo lwami kukuNkulunkulu; idwala lami eliqinileyo nesiphephelo sami kukuNkulunkulu.


Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu; uJehova uyakupha umusa nodumo; akayikubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.


Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami; uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo.


Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo siyiWundlu.


Iyakuphuza emfuleni ngasendleleni; ngalokho iyakuphakamisa ikhanda.


Yazini ukuthi uJehova uzahlukanisele omesabayo; uJehova uyezwa lapha ngikhala kuye.


unenkazimulo kaNkulunkulu; ukukhanya kwawo kwakunjengetshe elinenani elikhulu sengathi yitshe lejaspi* elicwebezelayo,


ukukhanya kokwambulela abezizwe nenkazimulo yesizwe sakho u-Israyeli.”


Ubusisiwe wena Israyeli; ngubani ofana nawe, isizwe esisindisiwe nguJehova oyisihlangu sosizo lwakho, oyinkemba yakho ephakanyisiweyo. Izitha zakho ziyakuzithobela wena, unyathele izindawo zabo eziphakemeyo.”


zingakadluli izinsuku ezintathu, uFaro uzakuphakamisa ikhanda lakho, akubuyisele esikhundleni sakho; uzakunikela indebe esandleni sikaFaro njengokwenza kwakho kwakuqala, lapho wawungumphathizitsha wakhe.


KuJehova yonke inzalo kaJakobe yakwa-Israyeli iyakulungisiswa, ibe nodumo.


Kwathi ngomnyaka wamashumi amathathu nesikhombisa wokuthunjwa kukaJehoyakini inkosi yakwaJuda ngenyanga yeshumi nambili ngolwamashumi amabili nesikhombisa lwenyanga, u-Evili Merodaki inkosi yaseBabele, ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe, waphakamisa ikhanda likaJehoyakini inkosi yakwaJuda, wamkhipha etilongweni,


futhi uHezekiya makanganenzi nethembe uJehova ngokuthi: “UJehova uyakusophula nokusophula, nalo muzi awuyikunikelwa esandleni senkosi yase-Asiriya.” ’


ngize ngifike, nginiyise ezweni elinjengezwe lakini, izwe lamabele nelewayini, izwe lesinkwa nelezivini, izwe leminqumo nezinyosi, ukuba niphile, ningafi.’ Futhi ningamlaleli uHezekiya, lapho eniyenga ngokuthi: ‘UJehova uyakusophula.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite