Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 29:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 UJehova wayehlezi ebusa phezu kukazamcolo; uJehova uhlezi eyinkosi kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 USimakade uhleli phezu kwezikhukhula, uSimakade uyiNkosi, ubusa kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 INkosi ihlezi phezu kukazamcolo; yebo, uJehova ubusa kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 29:10
16 Referans Kwoze  

UJehova uyinkosi kuze kube phakade naphakade; abezizwe bayachithwa emhlabeni wakhe.


Mina, bheka, mina ngizakuzisa uzamcolo wamanzi emhlabeni ukuba achithe yonke inyama okukuyo umoya wokuphila phansi kwezulu; konke okusemhlabeni kuzakufa.


Kuyo iNkosi yaphakade engabhubhiyo, engenakubonwa, uNkulunkulu yedwa, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


Besaba ngokwesaba okukhulu, bathi omunye komunye: “Kanti lo ungubani, lokhu nomoya nolwandle kuyamlalela?”


ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’


“Ezinsukwini zalawo makhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.


UJehova uyinkosi; mabathuthumele abantu; uhlezi phezu kwamakherubi;* mawuzamazame umhlaba.


UJehova uyinkosi, wembethe ubukhosi; uJehova wembethe, ubhince amandla. Nezwe limi liqinile, lingazanyazanyiswa.


othulisa ukuduma kwezilwandle, inhlokomo yamaza azo nomsindo wabantu.


Izwi likaJehova liphezu kwamanzi, uNkulunkulu wenkazimulo uyaduma; uJehova uphezu kwamanzi amakhulu.


Ngubani ovulele ukuchichima kwamanzi umsele nonyazi lokuduma indlela,


umhlaba uyakuwahlulela ngokulunga, athethe amacala ezizwe ngobuqotho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite