Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 28:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Yizwa izwi lokunxusa kwami, nxa ngikhala kuwe, ngiphakamisela izandla zami endaweni yakho engcwelengcwele.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Yizwa izwi lokunxusa kwami, njengoba ngikhala kuwe, ngiphakamisela izandla zami endaweni yakho engcwelengcwele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Yizwa izwi lokunxusa kwami, lapho ngikhala kuwe, lapho ngiphakamisela izandla zami endlini yakho engcwele.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 28:2
21 Referans Kwoze  

Ngiyakukhuleka phambi kwethempeli lakho elingcwele, ngibonge igama lakho ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho, ngokuba phezu kwakho konke uphakamisile igama lakho nezwi lakho.


Umkhuleko wami mawube njengempepho ebusweni bakho, nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomnikelo wakusihlwa.


Ngalokho ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamisa izandla ezingcwele, engenalulaka nokuphikisana.


Ngathi kuJehova: “UnguNkulunkulu wami wena.” Yizwa, Jehova, izwi lokunxusa kwami.


Phakamiselani izandla zenu endlini engcwele, nimbonge uJehova.


Kepha mina ngiyakungena endlini yakho ngobuningi bomusa wakho, ngikhothame ngokukuhlonipha, ngibhekene nendawo yakho engcwele.


UDaniyeli esekwazi ukuthi umbhalo ulotshiwe, wangena endlini yakhe amafasitele ekamelo lakhe ayevulekile ebhekisa eJerusalema waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho enzile kuqala.


Vuka ukhale ebusuku ekuqaleni kwemilindo, uthulule inhliziyo yakho njengamanzi phambi kobuso beNkosi; phakamisa izandla zakho kuyo ngenxa yokuphila kwezingane ezidangala ngendlala ezingosini zezitaladi zonke.


Ngiyazelulela izandla zami kuwe; umphefumulo wami womela wena njengomhlaba owomileyo. Sela*


Kepha abaphambukela ezindleleni zabo eziyizinsongensonge uJehova uzakubahambisa kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.


Ngiyakukubonga ngisaphila; ngiyakuphakamisa izandla zami egameni lakho.


ngokuba uSolomoni wayenzile ibhesitulu* lethusi; ubude balo babuyizingalo eziyisihlanu, nobubanzi balo babuyizingalo eziyisihlanu, nokuphakama kwalo kwakuyizingalo ezintathu; walimisa phakathi negceke, wema kulo, wayeseguqa ngamadolo phambi kwalo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welulela izandla zakhe ngasezulwini,


bese kuzwakala namuphi umkhuleko nakuphi ukunxusa noma ngumuphi umuntu noma yibo bonke abantu bakho u-Israyeli abayakwazi, kube yilowo nalowo inhlupheko yasenhliziyweni yakhe, elulele izandla zakhe kule ndlu,


Walungisa igumbi phakathi endlini ukuba kubekwe khona umphongolo wesivumelwano sikaJehova.


Ngasodongeni lwendlu wakha izimpondo nxazonke ngasezindongeni zendlu nxazonke, ethempelini nasegumbini; wenza amakamelo asezinhlangothini nxazonke;


Nkosi, yizwa izwi lami; izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.


Jehova, ngiyakhala kuwe, ngiphuthume; lalela izwi lami, nxa ngikhuleka kuwe.


Ayesebuthana lawo madoda, amfumana uDaniyeli ekhuleka, enxusa kuNkulunkulu wakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite