Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 28:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngikhala kuwe Jehova; Dwala lami, ungabi yisithulu kimi, funa kuthi, uma uthula kimi, ngifane nabashona emgodini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Ngikhala kuwe, Simakade; Dwala lami, ungazenzi isithulu kimi, funa uma uthalalisa, ngifane nalabo abehlela egodini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ihubo likaDavide. Ngikhala kuwe, Jehova, dwala lami; ungangithuli, funa ungithulele, ngingabi njengabehlela egodini.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 28:1
21 Referans Kwoze  

Shesha ungiphendule, Jehova; umoya wami uyaphela; ungangifihleli ubuso bakho, funa ngifane nabashona egodini.


Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami; uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo.


sibagwinye besezwa njengendawo yabafileyo, besaphilile njengabehlela egodini;


Nkulunkulu, ungathuli, ungalibali, ungali ukukhuluma, Nkulunkulu.


yamphonsa-ke kwalasha, yamvalela phakathi, yamqinisa ngophawu ngaphezu kwakhe, ukuze angabe esadukisa izizwe, ize iphele iminyaka eyinkulungwane; emva kwalokho kumelwe ukuba athukululwe isikhashana.


Thembani kuJehova kuze kube phakade, ngokuba uJehova, yebo, uJehova uyidwala elingunaphakade.


uhlengile umphefumulo wami ukuba ungadluleli egodini; ngiyakubona ukukhanya ngiphila.’


Ngokuba indawo yabafileyo ayikubongi, nokufa akukudumisi; abehlela egodini ababheki ukuthembeka kwakho.


Uyakubona, Jehova; mawungathuli; Nkosi, mawungabi kude nami.


“Kukhona nzuzoni egazini lami nasekushoneni kwami egebeni na? Uthuli luzakukudumisa yini, lushumayele iqiniso lakho, na?


Nkulunkulu wami, ngikhala emini, kepha awuphenduli, nasebusuku, ngingabi nakuthula.


Ngezwi lami ngiyakhala kuJehova; yena uyangiphendula esentabeni yakhe engcwele. Sela*


Izwi lami ngiyakuliphakamisela kuNkulunkulu, ngikhale kuNkulunkulu ukuba angibekele indlebe.


Isikhukhula samanzi masingangicwilisi, utwa lungangigwinyi, umgodi ungangivaleli emlonyeni wawo.


Yizwa izwi lokukhala kwami, Nkosi yami, Nkulunkulu wami, ngokuba ngithandaza kuwe.


Ngiyakhala kuJehova ngezwi lami, ngincenga uJehova ngezwi lami.


“Yizwa umkhuleko wami, Jehova, ulalele ukumemeza kwami; ungathuli ngezinyembezi zami, ngokuba ngingumfokazi kuwe; ngiyisihambi njengokhokho bami bonke.


Ngizakuthi kuNkulunkulu, iDwala lami: “Ungikhohlweleni na? Ngihambelani ngilila, ngicindezelwe yisitha, na?”


Dumisani uJehova nina enimkhonzayo, nibonge igama lakhe elingcwele.


Ngiyathulula ebusweni bakhe isikhalo sami, ngibonakalisa kuye inhlupheko yami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite