Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 27:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ungafihli ubuso bakho kimi, ungaxoshi inceku yakho ngokuthukuthela; wena ulusizo lwami, ungangilahli, ungangishiyi, Nkulunkulu wensindiso yami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Ungabufihli ubuso bakho kimi. Ungayixoshi inceku yakho ngentukuthelo; Wena uwusizo lwami, uze ungangilahli, ungangishiyi, Nkulunkulu wensindiso yami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ungangifihleli ubuso bakho; Ungayisusi inceku yakho ngokuthukuthela; ube lusizo kimi; ungangishiyi, ungangishiyi, Nkulunkulu wensindiso yami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 27:9
23 Referans Kwoze  

Ungayifihleli inceku yakho ubuso bakho, ngokuba ngiyahlupheka; shesha ungiphendule.


Shesha ungiphendule, Jehova; umoya wami uyaphela; ungangifihleli ubuso bakho, funa ngifane nabashona egodini.


Ungafihli ubuso bakho kimi ngosuku losizi lwami; beka indlebe yakho kimi, ngosuku engimemeza ngalo usheshe ungiphendule.


Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,”


Ngiyakwenza nabo isivumelwano esiphakade, ukuze ngingabuyi ekubalandeleni, ngibenzele okuhle, ngibeke ezinhliziyweni zabo ukungesaba, ukuze bangasuki kimi.


Uyakwamukela isibusiso kuJehova nokulunga kuNkulunkulu wensindiso yakhe.


Ngiyenza ukwahlulela nokulunga; unganginikeli kubo abahluphi bami.


Jehova Nkulunkulu wensindiso yami, ngikhala imini nobusuku phambi kwakho.


Ungangilahli ebusweni bakho, ungangemuki uMoya wakho oNgcwele.


Ubufihlelani ubuso bakho, ukhohlwe ukuhlupheka nokucindezelwa kwethu, na?


Koze kube nini, Jehova, ungikhohlwa njalonjalo na? Koze kube nini usitheza ubuso bakho kimi na?


USamuweli wathatha itshe, walimisa phakathi kweMispa neSheni, waqamba igama lalo ngokuthi i-Ebeni Ezeri, ethi: “Kuze kube manje uJehova usisizile.”


Usho kanje uJehova, uthi: “Iphi incwadi yesahlukaniso engimlahlile ngayo, noma ngumuphi enginesikwenetu kuye engithengisile ngani kuye na? Bhekani, nathengiswa ngobubi benu, nangeziphambeko zenu, unyoko walahlwa.


“Wena Solomoni, ndodana yami, yazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo, ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke, uqonda zonke izizindlo zemicabango; uma umfuna, uyakufunyanwa nguye; kepha uma umshiya, uyakukulahla kuze kube phakade.


Kepha ububi benu bunahlukanisile noNkulunkulu, nezono zenu zibusithile ubuso bakhe kini ukuba angezwa.


Sondela kuwo umphefumulo wami, uwuhlenge, ngikhulule ngenxa yezitha zami.


Ngokuba izinsuku zami ziphelile njengomusi; amathambo ashile njengezinkuni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite