Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 27:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Kunye engikucele kuJehova, ngiyakufuna khona: ukuba ngihlale endlini kaJehova izinsuku zonke zokuphila kwami ukubona ubuhle bukaJehova, ngibuke ithempeli lakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Kukodwa zwi engikucela kuSimakade, yilokhu nje engizimisele ukukwenza: ukuba ngihlale endlini kaSimakade zonke izinsuku zokuphila kwami, ngibuke ubuhle bukaSimakade, ngizindle ngisendlini yakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kunye engikucele kuJehova, ngiyakufuna; ukuze ngihlale endlini kaJehova zonke izinsuku zokuhamba kwami, ukuze ngibone inkazimulo kaJehova, ngibuze ethempelini lakhe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 27:4
30 Referans Kwoze  

Jehova, ngiyayithanda inkundla yendlu yakho nendawo lapho kuhlezi khona inkazimulo yakho.


Impela okuhle nomusa kuyakungilandela imihla yonke yokuphila kwami; ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade.


Ubusisiwe omkhethayo wena, omsondezayo ukuba ahlale emagcekeni akho; siyakusutha ngokuhle kwendlu yakho, ithempeli lakho elingcwele.


Babusisiwe abahlala endlini yakho; bayakuhlala bebonga wena. Sela*


Ngokuba usuku lunye emagcekeni akho luhle kunezinye eziyizinkulungwane. Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami kunokuhlala ematendeni ababi.


Kodwa inye into edingekile; uMariya ukhethile isabelo esihle angayikwaphucwa sona.”


Kuwena othi: “Funani ubuso bami,” inhliziyo yami ithi: “Ubuso bakho, Jehova, ngiyabufuna.”


Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.


Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke.


Bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile; kepha kunye engikwenzayo: ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili,


kepha-ke ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.


Yebo, ubuhle beNkosi uNkulunkulu wethu abube phezu kwethu, umise umsebenzi wezandla zethu phezu kwethu; yebo, umsebenzi wezandla zethu uwumise.


Kepha thina sonke esibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso ngokuya enkazimulweni, njengalokhu kumi ngeNkosi enguMoya.


engumfelokazi waze waba neminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nane, engasuki ethempelini, ekhonza ngokuzila nangokukhuleka ubusuku nemini.


Ngase ngibhekisa ubuso bami kuyo iNkosi uNkulunkulu ukuba ngikhuleke, nginxuse ngokuzila ukudla, nangendwangu yamasaka, nangomlotha.


ESiyoni eliphelele ebuhleni uNkulunkulu uqhamile ekukhanyeni.


Wabalandisa umfanekiso wokuthi bamelwe ukukhuleka njalo, bangadangali.


Ngokuba uNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni, kukhanye,” nguyena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuba kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKristu.


“Phikelelani ukungena ngomnyango omncinyane; ngokuba ngithi kini: Abaningi bayakufuna ukungena, bahluleke.


Lowo ongumfelokazi ngoqobo osele eyedwa uthembele kuNkulunkulu, uhlala ekunxuseni nasekukhulekeni ubusuku nemini,


Thokoza kakhulu, ndodakazi yaseSiyoni; jabula nokujabula, ndodakazi yaseJerusalema; bheka, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inensindiso, ithobekile, ikhwele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.


Ngiyahlamba izandla zami ngingenacala, ngizungeza i-altare lakho, Jehova,


Kwaba khona indlala ezinsukwini zikaDavide iminyaka emithathu ngokulandelana; uDavide wafuna ubuso bukaJehova. UJehova wathi: “Kungenxa kaSawule nangenxa yendlu yakhe yegazi, ngokuba wabulala abaseGibeyoni.”


Wenza isithembiso, wathi: “Jehova Sebawoti, ubheke nokubheka ukuhlupheka kwencekukazi yakho, ungikhumbule, ungakhohlwa incekukazi yakho, unike incekukazi yakho umntwana wesilisa, bese ngimnika uJehova zonke izinsuku zokuhamba kwakhe, kungathinti mpuco ekhanda lakhe.”


UDavide wabuza kuJehova, wathi: “Ngixoshe lelo viyo na? Ngingalifica na?” Wamphendula wathi: “Xosha, ngokuba uyakulifica impela, ukhulule konke.”


Wambuzela kuJehova, wamnika umphako, wamnika nenkemba kaGoliyati umFilisti.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite