Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 26:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba ububele bakho buphambi kwamehlo ami; ngihamba eqinisweni lakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Ngokuba isihawu sakho siphambi kwami, ngihamba ngeqiniso lakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokuba umusa wakho uphambi kwamehlo ami, ngihamba eqinisweni lakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 26:3
25 Referans Kwoze  

kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena uqobo esekukhanyeni, khona sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.


“Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenzile okuhle emehlweni akho.” Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.


Ngithokozile kakhulu, ngokuba kubantwana bakho ngifumene abahamba eqinisweni, njengalokho samukele umyalo kuBaba.


Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu.


ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu Kristu ukuthi, nakuba ecebile, waba mpofu ngenxa yenu, ukuze ngobumpofu bakhe nicebe nina.


Kepha thina sonke esibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso ngokuya enkazimulweni, njengalokhu kumi ngeNkosi enguMoya.


UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.


Yibani nesihawu, njengokuba uYihlo enesihawu.


Emthethweni-ke nasebufakazini! Impela leli zwi abalikhulumayo alinakho ukusa.


Wena ndlu kaJakobe, woza sihambe ekukhanyeni kukaJehova.


Ukulunga kwakho kungukulunga okuphakade; umthetho wakho uyiqiniso.


Ngizakuqaphelisisa indlela engenacala. Uyakuza nini kimi na? Ngizakuhamba endlini yami ngenhliziyo engenacala.


Ngifundise, Jehova, indlela yakho; ngiyakuhamba eqinisweni lakho; yenza inhliziyo yami iqonde ntonye, yesabe igama lakho.


Uzigabiselani ngokubi wena siqhwaga na? Umusa kaNkulunkulu umi njalo.


Ngihambise eqinisweni lakho, ungifundise, ngokuba wena unguNkulunkulu wensindiso yami; ngilindela wena usuku lonke.


Sithandwa, ungalandeli okubi kodwa okuhle. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu; owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite