Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 26:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngahlulele, Jehova, ngokuba ngihamba ekulungeni kwami; ngithemba uJehova, angiyikuntenga.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Ngahlulele, Simakade, ngokuba ngihamba ngobuqotho, ngethembele kuwe angaze ngangabaza.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ihubo likaDavide. Ngahlulele, Jehova; ngokuba ngihambile ekulungeni kwami; nami ngathembela kuJehova; ngakho-ke angiyikushelela.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 26:1
30 Referans Kwoze  

UJehova ungamandla ami nesihlangu sami; inhliziyo yami ithembe kuye, ngasizwa; ngakho-ke inhliziyo yami iyethaba; ngizakumdumisa ngesihlabelelo sami.


UJehova uyahlulela izizwe; ngahlulele, Jehova, ngokulunga kwami nangobuqotho bami obukimi.


Olungileyo ohamba ekupheleleni kwakhe, babusisiwe abantwana bakhe emva kwakhe.


Ngokuba inkosi iyethemba uJehova, nangenxa yesihawu soPhezukonke ayiyikuzanyazanyiswa.


“Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenzile okuhle emehlweni akho.” Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.


UJehova makabe ngumahluleli, ahlulele phakathi kwami nawe, abheke, angimele, angikhulule esandleni sakho.”


Ngakho-ke, bazalwane, khuthalelani kakhulu ukwenza kuqiniseke ukubizwa nokukhethwa kwenu; ngokuba uma nenza lokho, anisoze nakhubeka.


nina enilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa ukuba nibe nokusindiswa okulungiselwe ukwambulwa ngesikhathi sokugcina;


masibambisise isivumo sethemba lethu singaxegi, ngokuba ukholekile lowo owethembisayo;


Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu, okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sahamba ezweni kakhulu maqondana nani ngobungcwele nangobuqotho bukaNkulunkulu, kungengokuhlakanipha kwenyama kodwa ngomusa kaNkulunkulu.


Ukwesaba abantu kubeka ugibe, kepha owethemba uJehova uyalondeka.


Akayikuvuma ukuba unyawo lwakho lushelele; okulondolozayo akayikozela.


Lapho ngithe unyawo lwami luyashelela, umusa wakho, Jehova, wangiphasa.


Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami, inqaba yami; angiyikunyakaziswa.


Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami, inqaba yami; angiyikunyakaziswa kakhulu.


Nkulunkulu, ngisindise ngegama lakho, ngahlulele ngamandla akho.


Ngahlulele, Nkulunkulu ungimele endabeni yami esizweni esingenamusa, ngikhulule kumuntu wenkohliso nongenakulunga.


Umthetho kaNkulunkulu wakhe usenhliziyweni yakhe; izinyathelo zakhe azisheleli.


Ngahlulele ngokulunga kwakho, Jehova Nkulunkulu wami; mabangajabuli ngami.


Kepha mina ngithemba wena Jehova; ngithi: “UnguNkulunkulu wami.”


Kepha mina ngihamba ekulungeni kwami; ngihlenge, ube nomusa kimi.


Ukulunga nobuqotho makungilondoloze, ngokuba ngilindele wena.


Nkulunkulu wami, ngiyethemba kuwe; mawungangijabhisi; izitha zami mazingethabi ngami.


Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza ukulunga, okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe,


Nikelani iminikelo yokulunga, nethembe uJehova.


“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kepha ababi bayakuthuliswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakwahlula ngamandla.


Wayesethi uJehova kuSathane: “Inhliziyo yakho iyiqaphele inceku yami uJobe na? Ngokuba akakho onjengaye emhlabeni, umuntu ongenasici nolungileyo, omesaba uNkulunkulu, obalekela okubi; usabambelela ekupheleleni kwakhe, noma ungivusele ukumchitha engenacala.”


Ukumesaba kwakho uNkulunkulu akusilo ithemba lakho yini, nokuphelela kwezindlela zakho akusiso isisekelo sakho na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite