Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 25:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami; ngikhumbule ngokomusa wakho ngenxa yobubele bakho, Jehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami, ngokwesihawu sakho ngikhumbule, ngenxa yokulunga kwakho, Simakade!

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ungakhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami; ngicabange ngokomusa wakho ngenxa yomusa wakho, Jehova.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 25:7
25 Referans Kwoze  

“Mina, mina nginguye owesula iziphambeko zakho ngenxa yami; angiyikukhumbula izono zakho.


Bheka, kwakungokuhle kimi ukuthi nganginomunyu; wena wawuthanda umphefumulo wami, waze waphuma egodini lokubhujiswa, ngokuba uzilahlile nyovane zonke izono zami.


Ngokuba uloba okumunyu ngami, ungidlisa ifa lobubi bobusha bami;


Masilale phansi namahloni, ihlazo lethu lisisibekele, ngokuba sonile kuJehova uNkulunkulu wethu, thina nawobaba, kusukela ebusheni bethu kuze kube namuhla, asililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wethu.”


Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokomusa wakho; yesula iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu.


Ngokuba ngiyakuba nesihawu ngokungalungi kwabo, nezono zabo angisayikuzikhumbula.”


Ngisize, Jehova Nkulunkulu wami, ngisindise ngokomusa wakho,


Mawungasibaleli amacala akuqala; umusa wakho mawusheshe usihlangabeze, ngokuba sesibuthakathaka kakhulu.


Khanyisa ubuso bakho phezu kwenceku yakho; ngisindise ngomusa wakho.


Buya, Jehova, ukhulule umphefumulo wami, ungisindise ngenxa yesihawu sakho.


Amathambo akhe agcwele ubusha, kepha buyakulala phansi kanye naye othulini.


Emva kwalokho uJesu wamfumana ethempelini, wathi kuye: “Bheka, uphilisiwe; ungabe usona, funa wehlelwe ngokubi kunalokho.”


Kwakukhona lapho umuntu othile owayesegule iminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili.


Ungathukutheli kakhulu, Jehova, ungakhumbuli njalo ububi. Bheka, mawubone ukuthi sonke singabantu bakho.


Yenza encekwini yakho ngokomusa wakho, ungifundise izimiso zakho.


Ngokuba wayengakhumbuli ukwenza umusa, kepha wazingela umuntu odingayo nompofu nodabukile ngenhliziyo ukuba ababulale.


Ububi bawoyise mabukhumbuleke kuJehova; masingesulwa isono sikanina.


Babusisiwe abaqaphela ukwahlulela kwakhe, owenza ukulunga ngezikhathi zonke.


Ngikhumbule, Jehova, ngomusa onawo kubantu bakho, ungihambele ngensindiso yakho,


Ngenxa yami, ngenxa yami ngiyakwenza, ngokuba igama lami lingcoliselwani na? Anginiki omunye inkazimulo yami.


abasayikufundisana, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe, kube yilowo nalowo umfowabo, ngokuthi: ‘Yazi uJehova,’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabakhulu babo,” usho uJehova, “ngokuba ngiyakuthethelela ububi babo, nesono sabo angisayikusikhumbula.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite