Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 25:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngazise imendo yakho, Jehova; ngifundise izindlela zakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Simakade, ngazise izindlela zakho, ungifundise imendo yakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngibonise izindlela zakho, Jehova; ngifundise izindlela zakho

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 25:4
11 Referans Kwoze  

Ngifundise, Jehova, indlela yakho; ngiyakuhamba eqinisweni lakho; yenza inhliziyo yami iqonde ntonye, yesabe igama lakho.


Ngifundise indlela yakho, Jehova, ungihole endleleni ekhanyayo ngenxa yezitha zami.


Ngizwise umusa wakho ekuseni, ngokuba ngiyethemba kuwe; ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo, ngokuba ngiphakamisela kuwe umphefumulo wami.


Jehova, ngihole ngokulunga kwakho ngenxa yezitha zami, ulungise indlela yakho phambi kobuso bami.


Ngalokho uma ngifumene umusa emehlweni akho, ake ungibonise izindlela zakho ukuba ngikwazi, ukuze ngifumane umusa emehlweni akho, ubhekisise ukuthi lesi sizwe singabantu bakho.”


Ngiqondise indlela yeziyalezo zakho ukuba ngikhulume ngezimangaliso zakho.


Usho kanje uJehova, uthi: “Yimani ezindleleni, nibone, nibuze imikhondo yasendulo ukuthi iphi indlela enhle, nihambe ngayo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu; kepha bathi: ‘Asiyikuhamba ngayo.’


Abantu abaningi bayakuhamba, bathi: “Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova endlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe,” ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni, nezwi likaJehova eJerusalema.


Ngiyahamba endleleni yokulunga, phakathi kwemikhondo yokwahlulela,


Yizwa amazwi ami, Jehova, uqaphele ukuzindla kwami.


mawuzwe wena ezulwini, uthethelele isono sezinceku zakho nesabantu bakho u-Israyeli, lapho ubafundisa indlela enhle abayakuhamba ngayo, uthume imvula ezweni lakho obanike abantu bakho libe yifa labo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite