Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 25:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Nkulunkulu wami, ngiyethemba kuwe; mawungangijabhisi; izitha zami mazingethabi ngami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Nkulunkulu wami, ngethembele kuwe; ungavumi ukuba ngihlazeke; izitha zami mazingaqhoshi ngami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Nkulunkulu wami, ngithemba wena; ungangivumeli ngibe namahloni, zingangijabuleli izitha zami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 25:2
32 Referans Kwoze  

Ngokuba umbhalo uthi: “Lowo okholwayo akayikujabhiswa.”


Ngalokho ngiyazi ukuthi uyangithanda, ngokuba isitha sami asihalalisi phezu kwami.


Jehova, ngiyethemba wena; mangingajabhi naphakade.


ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.


Bakhala kuwe, bakhululwa; bethemba wena, abaze bajabha.


Lalela ukukhala kwami, ngokuba ngicindezelekile kakhulu; ngikhulule kubo abangizingelayo, ngokuba banamandla kunami.


Ithemba lami ngilibeka kuwe Jehova; mawungangijabhisi naphakade; ngikhulule ngokulunga kwakho.


“Ngiyakuwuvikela lo muzi ukuba ngiwusindise ngenxa yami nangenxa yenceku yami uDavide.”


Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle; ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye.


Inhliziyo eqinileyo uyayilinda ngokuthula okupheleleyo, ngokuba yethemba kuwe.


Jehova, koze kube nini ababi, koze kube nini ababi bethaba na?


Ngokuba kukhona embhalweni ukuthi: “Bhekani, ngibeka eSiyoni itshe legumbi elikhethekile, liyigugu; okholwa yilo akasoze ajabhiswa.”


Amakhosi ayakuba ngabazanyana bakho, namakhosikazi awo ayakuba ngabancelisi bakho; bayakukukhothamela ubuso bubheke phansi, bakhothe uthuli lwezinyawo zakho; uyakwazi ukuthi nginguJehova, abethemba kimi abayikujabha.”


Manje, Jehova Nkulunkulu wethu, sisindise esandleni sakhe ukuba yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi wena unguJehova, wena wedwa.”


UJehova uyabasiza, abakhulule; ubakhulula kwababi, abasindise, ngokuba bayamethemba.


Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami; uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo.


Jehova, Nkulunkulu wami, ngiyaphephela kuwe;


bathi: “Zinikele kuJehova; makamsindise, amkhulule, njengokuba emthanda.”


Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Ukude namazwi okubububula kwami nokusindiswa kwami.


Uyakuwahlakaza, umoya uwasuse, isivunguvungu siwachithe; wena uyakuthokoza ngoJehova, uzibonge ngoNgcwele ka-Israyeli.


“Niyakukhuluma kanje kuHezekiya, inkosi yakwaJuda, nithi: UNkulunkulu wakho omethembayo makangakukhohlisi ngokuthi iJerusalema aliyikunikelwa esandleni senkosi yase-Asiriya.


Ngalokho ithi iNkosi uJehova: “Bheka, ngibeka eSiyoni itshe lesisekelo, itshe elivivinyekileyo, itshe legumbi elinqabileyo lesisekelo esiyiso; okholwayo kayikubaleka.


Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu, ngokuba abantu bafuna ukungigwinya; usuku lonke bayangicindezela belwa.


Bathotshiswa-ke ngaleso sikhathi abantwana bakwa-Israyeli; kepha abantwana bakwaJuda bahlula, ngokuba babencika kuJehova uNkulunkulu wawoyise.


Kepha ngiwuthembile umusa wakho; inhliziyo yami izakwethaba ngensindiso yakho;


Beka kimi indlebe yakho, ungophule masinyane, ube yidwala eliqinileyo kimi, indlu yezinqaba yokungisindisa.


Izikhathi zami zisesandleni sakho; ngikhulule esandleni sezitha zami nakwabangizingelayo.


uthi kuJehova: “Uyisiphephelo sami nenqaba yami noNkulunkulu wami engimethembayo.”


Mababe namahloni abangizingelayo, kepha mina mangingabi nawo; baphele amandla bona, mina ngingapheli wona kodwa; behlisele usuku lobubi, ubaphule ngokwaphula okuphindiweyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite