Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 25:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Umphefumulo wakhe uzakuhlala ngokwenama, inzalo yakhe iyakuzuza izwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Uyophumelela njalo, nezizukulwane zakhe ziyoba yizindlalifa zezwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Umphefumulo wakhe uyakuhlala ngokuthula; nenzalo yakhe iyakudla ifa lomhlaba.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 25:13
32 Referans Kwoze  

Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.


Ukumesaba uJehova kungokokuphila; onakho uhlezi anelisiwe, akahanjelwa ngububi.


Kepha ongilalelayo uyakuhlala elondekile, agcineke, angabi naluvalo ngokubi.”


Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba.


UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho, iqhawe eliyakukusindisa; uyakujabula ngawe ngentokozo, athule othandweni lwakhe, ethabe ngawe ngokuhlabelela.”


Ngokuba isithembiso ngesenu nesabantwana benu, esabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.”


Abayikushikashikela ize, bazalele izinhlupheko, ngokuba bayinzalo yababusisiweyo bakaJehova, nabantwana babo bayakuba nabo.


Ukwesaba abantu kubeka ugibe, kepha owethemba uJehova uyalondeka.


Usuku lonke uyahawukela, atsheleke, nenzalo yakhe iyisibusiso.


“Ngokuba osuka ethanda ukuphila nokubona izinsuku ezinhle, makanqande ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso,


ngibanike inhliziyonye nendlelanye ukuba bangesabe zonke izinsuku, kube kuhle kubo nakubantwana babo emva kwabo.


Inzalo yakhe iyakuba namandla emhlabeni; isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa.


Inzalo yezinceku zakhe iyakulidla ifa; abathanda igama lakhe bayakuhlala kuyo.


Kepha siyalindela ngesithembiso sakhe amazulu amasha nomhlaba omusha okukhona kuwo ukulunga.


UNkulunkulu wami uzakugcwalisa ukuswela konke kwenu njengokwengcebo yakhe ekukhazimuleni kuKristu Jesu.


Yeka ubuhle balo! Yeka ukubukeka kwalo! Amabele abo ayakuhlumisa izinsizwa zalo, newayini elisha izintombi zalo.


NgoBenjamini wathi: “Othandiweyo kaJehova uyakuhlala elondwa nguye; uyamsibekela usuku lonke, ahlale phakathi kwamahlombe akhe.”


Olungileyo ohamba ekupheleleni kwakhe, babusisiwe abantwana bakhe emva kwakhe.


Umphefumulo wami uyakusutha kungathi ngamanoni namafutha; umlomo wami uyakudumisa ngezindebe ezethabayo.


Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.


Ngokuba ababusisiweyo bakhe bazakulidla ifa lomhlaba, kepha abaqalekiswa nguye bazakuchithwa.


Bayakusutha ngamanoni endlu yakho, ubaphuzise okomfula wokuthokoza kwakho.


Yeka ubukhulu bomusa wakho obagodlele wona abakwesabayo, owenzele bona ababalekela kuwe, phambi kwabantwana babantu.


Ngokuba ababi bazakuchithwa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba.


Lindela uJehova, ulonde indlela yakhe; uzakukuphakamisa, udle ifa lomhlaba, ubukele lapho ababi bechithwa khona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite