Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 25:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Zonke izindlela zikaJehova zingububele neqiniso kulabo abagcina isivumelwano sakhe nezifakazelo zakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Zonke izindlela zikaSimakade ziyisihawu nokwethembeka kulabo abagcina isivumelwano sakhe, nobufakazi bakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Zonke izindlela zikaJehova zingumusa nokuthembeka kwabagcina isivumelwano sakhe nobufakazi bakhe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 25:10
33 Referans Kwoze  

Bhekani, babusisiwe abakhuthazelayo; nizwile ngokukhuthazela kukaJobe, nibonile impetho yeNkosi ukuthi iNkosi inesihe esikhulu nesihawu.


Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngecebo lakhe.


Wena Jehova ungangigodleli ububele bakho; umusa wakho neqiniso lakho makungilonde njalo.


Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu.


Ngenxa yokuba enamathele kimi, ngakho ngiyamkhulula; ngiyamphakamisa ngokuba elazi igama lami.


ngokuba akusibo abezwayo umthetho abangabalungile phambi kukaNkulunkulu, kepha abenzayo umthetho yibona abayakulungisiswa.


Zamelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa, ongenakho angeyibone iNkosi;


kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye.


ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.


Funani uJehova nina nonke bathobekileyo bomhlaba enisebenzile ukwahlulela kwakhe; funani ukulunga; funani ukuthobeka; mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova.


Lapho udabula emanzini, mina nginawe; nasemifuleni, ayiyikukukhukhula; lapho uhamba emlilweni, awuyikusha, nelangabi aliyikukushisa.


Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa, ngidumise igama lakho, ngokuba wenzile izimangaliso, namasu asendulo, nokuthembeka, neqiniso.


Ukhumbulile umusa wakhe nokuthembeka kwakhe kuyo indlu ka-Israyeli; imikhawulo yonke yomhlaba ibonile insindiso kaNkulunkulu wethu.


Ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakho sobukhosi; umusa neqiniso kuyahamba phambi kobuso bakho.


Kuyakuhlangabezana umusa neqiniso, kwangane ukulunga nokuthula.


Uyakuthumela esezulwini, angisindise mhla ofuna ukungigwinya ekloloda. Sela* UNkulunkulu uyakuthuma umusa wakhe neqiniso lakhe.


Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa; oqaphela indlela yakhe ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”


Ngokuba izwi likaJehova lilungile; zonke izenzo zakhe ziyakholeka.


Ufikile izolo nje; ngikuzulazulise nathi yini namuhla, ngisahamba lapho ngiya khona, na? Buya wena, ubuyise nabafowenu; umusa neqiniso makube nawe.”


yathi: “Makabongwe uJehova, uNkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, ongayekile ukwenzela inkosi yami umusa neqiniso; uJehova ungiholile mina endleleni kuze kube sendlini yabafowabo benkosi yami.”


U-Abrama eneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye uJehova wabonakala ku-Abrama, wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; hamba phambi kwami ungenacala.


U-Enoke wayehamba noNkulunkulu; kepha wayesengasekho nje, ngokuba uNkulunkulu wamthabatha.


Ngubani ohlakaniphile, aqonde lezi zinto; ngubani onomqondo, azazi, na? Ngokuba izindlela zikaJehova zilungile; abalungileyo bayakuhamba ngazo, kepha abaphambukayo bayakukhubeka ngazo.


Noma ngihamba phakathi kwenhlupheko, uyakungiphilisa; uyakwelulela isandla sakho olakeni lwezitha zami, esokunene sakho singisindise.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite