Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 24:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Uyakwamukela isibusiso kuJehova nokulunga kuNkulunkulu wensindiso yakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Uyofumana isibusiso kuSimakade, nokulunga kuNkulunkulu wensindiso yakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Uyakwamukela isibusiso sikaJehova nokulunga kuNkulunkulu wensindiso yakhe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 24:5
31 Referans Kwoze  

ngifunyanwe kuyena, ngingenakho ukulunga okungokwami okuya ngomthetho kodwa lokho okuya ngokukholwa nguKristu, ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa,


Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu osibusisile ezulwini kuKristu ngesibusiso sonke sokomoya,


Ngiyakusondeza ukulunga kwami, akukude, insindiso yami ayiyikulibala; ngibeka insindiso eSiyoni nodumo lwami kwa-Israyeli.


ningaphindisi okubi ngokubi nokuthuka ngokuthuka, kepha kakhulu manibusise, ngokuba nabizelwa lokho ukuba nidle ifa lokubusiswa.


ukuba isibusiso sika-Abrahama ngoKristu Jesu sifike kubo abezizwe, ukuze samukeliswe isithembiso sikaMoya ngokukholwa.


Bheka, uNkulunkulu uyinsindiso yami; nginethemba, angesabi, ngokuba uJehova, uJehova ungamandla ami nehubo lami, waba yinsindiso yami.”


Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa; oqaphela indlela yakhe ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”


Ngokuba thina ngaye uMoya sihlalela ithemba lokulungisiswa ngokukholwa.


Njalo-ke abokukholwa bayabusiswa kanye no-Abrahama okholwayo.


Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.


Kepha ngaye nikuJesu Kristu owenzelwe thina ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu nokulunga kanye nokungcweliswa nokuhlengwa,


ngisho ukulunga kukaNkulunkulu ngokukholwa nguJesu Kristu kubo bonke abakholwayo; ngokuba akukho mahluko;


Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzakwazi ngemfundiso noma ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela okwami.


Ngiyathokoza nokuthokoza ngoJehova, umphefumulo wami wenama ngoNkulunkulu wami, ngokuba ungembathisile izingubo zensindiso, wangisibekela ngesambatho sokulunga, njengomyeni efaka iqhele ngokompristi, nanjengomakoti ezihlobisa ngezimvunulo zakhe.


Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela, nalo lonke ulimi olukuvukelayo luyakwahlulelwa; lokhu kuyifa lezinceku zikaJehova nokulunga kwazo okuvela kimi, usho uJehova.


Ngokuba inundu iyakubadla njengengubo, nebhu libadle njengoboya bezimvu, kodwa ukulunga kwami kuyakuma kuze kube phakade, nensindiso yami ezizukulwaneni ngezizukulwane.”


Kepha u-Israyeli uyakusindiswa nguJehova ngokusindiswa okuphakade; aniyikujabha, aniyikuba namahloni kuze kube phakade.


Jehova Nkulunkulu wensindiso yami, ngikhala imini nobusuku phambi kwakho.


Igama layo liyakuma kuze kube phakade; igama layo liyakuxhanta, lisekhona ilanga; bayakuzibusisa ngayo; bonke abezizwe bayakuthi ibusisiwe.


Mayibongwe iNkosi. Iyasithwala imihla ngemihla; uNkulunkulu uyinsindiso yethu. Sela*


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite