Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 24:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo, izwe nabakhileyo kulo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Umhlaba ungokaSimakade nakho konke okukuwo, izwe nabakhileyo kulo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ihubo likaDavide. Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo; umhlaba nabahlala kuwo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 24:1
18 Referans Kwoze  

Ngelakho izulu, ngowakho umhlaba; izwe nokugcwala kwalo, kukho konke ubeke isisekelo.


ngokuba umhlaba ungoweNkosi, nakho konke okukuwo.


Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nasemhlabeni kungokwakho; ngowakho umbuso, Jehova; wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke.


Ngubani ongandulele ukuba ngimbuyisele na? Konke okuphansi kwezulu kungokwami.


“Bheka, izulu nezulu lamazulu lingelikaJehova uNkulunkulu wakho, nomhlaba nakho konke okukuwo.


Wayesethi uMose kuye: “Nxa sengiphumile emzini, ngizakwelula izandla zami kuJehova; kuyakunqamuka ukuduma, nesichotho asisayikuba khona, ukuze wazi ukuthi umhlaba ungokaJehova.


Kalokhu uma nilalela nokulalela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyakuba yigugu kimi kunazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami,


Izintaba ziyathuthumela phambi kwakhe, amagquma ayancibilika; umhlaba uyaphakama ebusweni bakhe, yebo, nakho konke okuhlala kuwo.


Uma bengilambile, bengingekutshele wena, ngokuba ungowami umhlaba wonke nokugcwala kwawo.


sokuthi uyakuxoshwa kubantu, inhlalo yakho ibe nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, umanziswe ngamazolo ezulu, kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwakho, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.


Maludume ulwandle nokugcwala kwalo, izwe nabakhileyo kulo.


Jehova Nkulunkulu wethu, zonke lezi zinto esizilungisele ukwakhela igama lakho elingcwele indlu zivela esandleni sakho, zonke zingezakho.


U-Amasiya wayesethi kulowo muntu kaNkulunkulu: “Kepha siyakwenze njani ngamatalenta* ayikhulu engiwanike impi yakwa-Israyeli na?” Umuntu kaNkulunkulu wathi: “UJehova unamandla okukunika okuningi kunalokho.”


Ngubani owambeka phezu komhlaba na? Ngubani owamisa izwe lonke na?


Uyakwenza imikhuleko eminingi kuwe, akhulume kuwe amazwi athambileyo, na?


Ngokuba zingezami zonke izilwane zehlathi, nezinkomo zasezintabeni eziyizinkulungwane.


Inyakatho neningizimu wakudala wena; iThabori neHermoni kuyajabula egameni lakho.


“Suka ubhule, ndodakazi yaseSiyoni, ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube yinsimbi, nezinselo zakho ngizenze insimbi; uyakuchoboza abantu abaningi,” kwahlukaniselwe uJehova inzuzo yabo, nemfuyo yabo kuyo iNkosi yomhlaba wonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite