Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 22:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Imikhawulo yonke yomhlaba iyakukhumbula, iphendukele kuJehova, nezizukulwane zonke zezizwe ziyakukhuleka ebusweni bakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

27 Yonke imikhawulo yomhlaba iyokhumbula, bese iphendukela kuSimakade, nayo yonke imindeni yezizwe iyokhothama phambi kwakho;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Yonke imikhawulo yomhlaba iyokukhumbula futhi iphendukele kuJehova, futhi yonke imindeni yezizwe iyakukhuleka phambi kwakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 22:27
23 Referans Kwoze  

Izizwe ozenzileyo ziyakufika zonke, zikhuleke phambi kwakho, Nkosi, zidumise igama lakho.


“Phendukelani kini, nisindiswe, nonke nina majukujuku omhlaba, ngokuba nginguNkulunkulu, akakho omunye.


Cela kimi, ngikunike abezizwe babe yifa lakho, nemikhawulo yomhlaba ibe yimfuyo yakho.


yebo, uthi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami ukuvusa izizwe zakwaJakobe, nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli; ngalokho ngiyakukubeka ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”


ngubani ongayikwesaba, Nkosi, adumise igama lakho, na? Ngokuba wena wedwa ungcwele, nezizwe zonke ziyakuza zikhuleke phambi kwakho, ngokuba izenzo zakho zokulunga zibonakalisiwe.”


Mnikeni uJehova nina mindeni yabantu, mnikeni uJehova inkazimulo namandla.


Onke amakhosi ayakuziwisa phambi kwayo; zonke izizwe ziyakuyikhonza.


Dumisani uJehova nina bezizwe zonke, nimbabaze nina bantu bonke.


nxa izizwe zibuthana ndawonye kanye nemibuso ukumkhonza uJehova.


Iyakubusa kusukela elwandle kuze kube selwandle, kusukela emfuleni kuze kube semikhawulweni yomhlaba.


Ngokuba bona uqobo balanda ngathi ukuthi kwaba njani ukungena kwethu kinina nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu, nishiya izithombe, ukuba nikhonze uNkulunkulu ophilayo oweqiniso,


kepha manje isibonakalisiwe ngemibhalo yabaprofethi, ngokomyalo kaNkulunkulu ongunaphakade, yazisiwe ezizweni zonke, kube ngukulalela kokukholwa,


ngifakaza kubaJuda nakumaGreki ukuphendukela kuNkulunkulu nokukholwa yiNkosi yethu uJesu.


bethi: “Madoda, nikwenzelani lokhu na? Nathi singabantu abanjengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize, niphendukele kuNkulunkulu ophilayo owenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho,


Bheka, laba bayakuvela kude; bheka, laba bayakuvela enyakatho nasentshonalanga, nalaba ezweni laseSinimi.”


Ukhumbulile umusa wakhe nokuthembeka kwakhe kuyo indlu ka-Israyeli; imikhawulo yonke yomhlaba ibonile insindiso kaNkulunkulu wethu.


Kuyakuthi uma uhamba nathi, yebo, kwenzeke ukuthi, noma yikuphi okuhle uJehova asenzela khona, khona lokho uyakukwenzela nawe.”


Zibongeni egameni lakhe elingcwele; mazithokoze izinhliziyo zabamfuna uJehova.


Ngokuba uJehova uyabalalela abampofu, neziboshwa zakhe akazideleli.


Abathobekileyo bayakwandisa intokozo yabo kuJehova, nabampofu kubantu bayakujabula koNgcwele ka-Israyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite