Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 22:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngokuba izinja ziyangibungayela; umbonda wababi ungizungezile; izandla zami nezinyawo zami bazibhobozile.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Ngokuba izinja zingihaqile, umgwamanda wabenzi bokubi ungizungezile. Izandla nezinyawo zami bazibhobozile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngokuba izinja zingihaqile, isixuku sababi singihaqile; babhoboza izandla zami nezinyawo zami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 22:16
27 Referans Kwoze  

Futhi omunye umbhalo uthi: “Bayakumbheka abamgwazileyo.”


Esembethele esiphambanweni abelana izingubo zakhe, enzelana inkatho;


“Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa, bambheke abamgwazileyo, bamlilele njengokulilela ozelwe yedwa, babe nomunyu ngaye njengonomunyu ngezibulo lakhe.


Ngakho-ke abanye abafundi bathi kuye: “Siyibonile iNkosi.” Kepha wathi kubo: “Uma ngingaboni ezandleni zayo inxeba lezipikili, ngifake umunwe wami enxebeni lezipikili, ngifake isandla sami ohlangothini lwayo, angisoze ngakholwa.”


Kuthe amabutho esembethele uJesu esiphambanweni, athatha izingubo zakhe, azenza izabelo ezine, kwaba yilelo nalelo butho laba nesabelo, neyembe futhi. Kepha iyembe lalingenamthungo, lalukiwe lonke kusukela phezulu.


Ayesembethela esiphambanweni, abelana izingubo zakhe, enzelana inkatho ngazo ukuthi yilowo nalowo uyakuthathani.


kodwa elinye lamabutho lamgwaza ohlangothini ngomkhonto, kwaphuma masinyane igazi namanzi.


Sebefikile endaweni ethiwa iKhanda bambethela khona nazo izelelesi, esinye ngakwesokunene nesinye ngakwesokhohlo.


Xwayani izinja, nixwaye izisebenzi ezimbi, nixwaye abokusika.


Kepha bamcindezela ngokumemeza okukhulu befuna ukuba abethelwe. Ukumemeza kwabo kwanqoba.


Yebo, yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula, nangemivimbo yayo siphilisiwe thina.


Sindisa umphefumulo wami enkembeni, ukuphila kwami emandleni ezinja.


Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Ukude namazwi okubububula kwami nokusindiswa kwami.


Wayesethi kuTomase: “Zisa lapha umunwe wakho, ubone izandla zami; zisa isandla sakho, usifake ohlangothini lwami; ungabi ngongakholwayo kodwa okholwayo.”


Bayabuya kusihlwa, bahlaba umkhulungwane njengenja, bezula emzini.


Ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.


Nkulunkulu, izideleli zingivukele, ibandla lezidlwangudlwangu lifuna umphefumulo wami; azibekanga wena phambi kwazo.


Ababembambile uJesu bamusa kuKayafase umpristi omkhulu, lapho kwakubuthene khona ababhali namalunga.


“Ninganiki izinja okungcwele, ningaphonsi amaparele* enu phambi kwezingulube, funa ziwanyathele ngezinyawo zazo, ziphenduke, ziniklebhule.


Ngokuba nabafowenu nendlu kayihlo nabo bakukhohlisile, nabo bamemeza kakhulu emva kwakho; ungabethembi, noma bekhuluma okuhle kuwe.”


Ziyabuya kusihlwa; zihlaba umkhulungwane njengenja, zizula emzini.


Abathandekayo bami nabahlobo bami bemi kude nokuhlupheka kwami; abakwethu bemi kude laphaya.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite