Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 22:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Amandla ami omile njengodengezi; ulimi lwami lunamathela olwangeni lwami; ungibeka othulini lokufa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Umlomo wami wome njengodengezi, ulimi lunamathele olwangeni; ungilalise othulini lokufa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Amandla ami omile njengodoti lombumbi; ulimi lwami lunamathele emhlathini wami; wangingenisa othulini lokufa.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 22:15
22 Referans Kwoze  

Emva kwalokho uJesu, ekwazi ukuthi konke sekuphelelisiwe ukuba umbhalo ugcwaliseke, wathi: “Ngomile.”


Ngikhathele ukukhala kwami, umphimbo wami ushile; amehlo ami ayafiphala ekulindeleni uNkulunkulu wami.


Ngalokho ngiyakuyabela kanye nabakhulu, yahlukanise impango nabanamandla, ngokuba yawuthulula umphefumulo wayo ekufeni, yabalwa kanye nezelelesi; yathwala nokho izono zabaningi, yakhulekela aboni.


Banginika inyongo ibe ngukudla kwami; ekomeni kwami bangiphuzisa uviniga.


Inhliziyo yami iyagquma kakhulu; amandla ami angishiyile, ngisho nokukhanya kwamehlo ami akusekho kimi.


Ngokuba okokuqala nganinika lokho engakwamukela nami ukuthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu njengokwemibhalo,


Uyasitheza ubuso bakho, zethuke; uyasusa umphefumulo wazo, zife, zibuyele othulini lwazo.


UJesu wabuye wamemeza ngezwi elikhulu, wafa.


Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle, kepha umoya owaphukileyo uyomisa amathambo.


izwi labakhulu lathuliswa; izilimi zabo zanamathela olwangeni lwabo.


Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye ihlazo nokunengwa okuphakade.


Ulimi loncelayo lunamathela olwangeni lwakhe ngokoma. Izingane zicela isinkwa, kepha akakho ozihlephulelayo.


“Kukhona nzuzoni egazini lami nasekushoneni kwami egebeni na? Uthuli luzakukudumisa yini, lushumayele iqiniso lakho, na?


inyama yonke ibiyakufa kanyekanye, umuntu abuyele othulini.


Ake ukhumbule ukuthi ungenzile njengebumba; pho, uyakungibuyisela othulini na?


Kepha u-Abrahama waphendula wathi: “Bheka, sengiqalile ukukhuluma eNkosini, mina engiluthuli nomlotha.


Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa sakho, uze ubuyele emhlabathini, lokhu wathathwa kuwo; ngokuba ungumhlabathi, uyakuphenduka umhlabathi.”


Awuthetheleli ngani isiphambeko sami, ususe isono sami, na? Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini; uyakungifunisisa, kepha angiyikubakho.”


Ngokuba simelwe ukufa, sinjengamanzi achithwa emhlabathini, angenakuqoqwa futhi; uNkulunkulu akasusi ukuphila, kepha uqamba amasu ukuba oxoshiweyo angabi ngumxoshwa kuye.


Amathambo ami anamathela esikhumbeni sami nasenyameni yami; ngisinde ngokulambisa kuphela.


“Manje umphefumulo wami uthululiwe phakathi kwami; izinsuku zosizi zingibambile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite