Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 22:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ngichithiwe njengamanzi; onke amathambo ami enyele; inhliziyo yami injengengcina, incibilikile phakathi kwezibilini zami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Ngichithiwe njengamanzi; kuxega wonke amalungu ami. Inhliziyo yami incibilika njengengcina ezibilini zami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngithululiwe njengamanzi, namathambo ami onke ahlangene; inhliziyo yami injengengcina; kuncibilike phakathi kwamathumbu ami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 22:14
15 Referans Kwoze  

Kwase kuguquka ukucwebezela kwayo, nemicabango yayo yayesabisa, zaxhega izinyonga zokhalo lwayo, namadolo ayo ashayana.


Ngokuba ukuphila kwami kuphelela osizini, neminyaka yami ekububuleni; amandla ami aphelile ngokona kwami, namathambo ami ancunzekile.


NguNkulunkulu odangalisileyo inhliziyo yami, uSomandla ungethusile,


Amadoda ase-Ayi abulala abantu abangamashumi amathathu nesithupha, abaxosha esuka phambi kwesango aze afika eShebarimi, ababulala emthambekeni; izinhliziyo zabantu zaphela amandla, zaba njengamanzi.


“Kalokhu umphefumulo wami ulusizi, ngizakuthini na? Baba, ngisindise kulo mzuzu. Kodwa ngenxa yalokhu ngize kulo mzuzu.


Liyize, alisenalutho, lichithekile; inhliziyo iyancibilika, amadolo ayashayana, imihelo isezinkalweni zonke, nobuso babo bonke buphaphathekile.


Bamukiswa njengokumukiswa komusi; njengokuncibilika kwengcina phambi komlilo ababi bachithwa phambi kukaNkulunkulu.


Ngingabala onke amathambo ami; bayabukela, bangibuke bengiklibhizela.


“Manje umphefumulo wami uthululiwe phakathi kwami; izinsuku zosizi zingibambile.


Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini.


Khona wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde kanye nami.”


Bangikhamisela imilomo yabo, bangimukula esihlathini ngenhlamba, bangihlanganyela.


Yebo, bangikhamisela kakhulu umlomo wabo, bathi: “Ashila, ashila, iso lethu liyabona!”


Zonke izitha zethu zisikhamisele imilomo yazo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite