Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 22:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ungabi kude nami, ngokuba inhlupheko iseduze, nosizayo akakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Ungabi kude nami, ngokuba inhlupheko iseduze, akekho ongisizayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ungabi kude nami; ngoba inkathazo iseduze; ngoba akekho ongasiza.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 22:11
18 Referans Kwoze  

Nkulunkulu, ungabi kude nami; Nkulunkulu, phuthuma ungisize.


Ngokuba iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo, nohluphekayo ongenamsizi.


Jehova, umeleni kude na? Uzifihlelani ubuso ezikhathini zokuhlupheka na?


owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


Bhekani, isikhathi siyeza, yebo, sesifikile sokuba nihlakazeke, yilowo nalowo aye kokwakhe, ningishiye ngingedwa; nokho angingedwa, lokhu uBaba unami.


Ungangishiyi, Jehova; Nkulunkulu wami, ungabi kude nami.


Uyakubona, Jehova; mawungathuli; Nkosi, mawungabi kude nami.


Ngabheka, kepha kwakungekho osizayo; ngamangala, kepha kwakungekho osekelayo; yayisingisindisa ingalo yami, nokufutheka kwami kwangisekela.


Sondela kuwo umphefumulo wami, uwuhlenge, ngikhulule ngenxa yezitha zami.


Ngokuba uJehova wabona ukuhlupheka kuka-Israyeli ukuthi kwakumunyu kakhulu, abancane nabakhulu baphela amandla, kungekho omsizayo u-Israyeli.


“Ngokuba uJehova uyakubahlulela abantu bakhe, azihawukele izinceku zakhe, lapho ebona ukuthi amandla abo aphelile, kungekho omunye ovalelweyo noma okhululekileyo.


Kepha konke lokho kwenzekile ukuba kugcwaliseke imibhalo yabaprofethi.” Khona bonke abafundi bamshiya, babaleka.


Khona waqala ukuthuka nokufunga, wathi: “Angimazi lowo muntu.” Masinyane lase likhala iqhude.


Waphika futhi ngokufunga, wathi: “Angimazi lowo muntu.”


Ngencike kuwe kwasesiswini; nguwe owangikhipha ezibilinini zikamame; ukudumisa kwami kuyakuba ngawe njalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite