Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 22:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Ukude namazwi okubububula kwami nokusindiswa kwami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Ukude namazwi okububula kwami nokusindiswa kwami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Kungani nikude kangaka ekungisizeni nasemazwini okubhonga kwami na?

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 22:1
23 Referans Kwoze  

Ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eloi, Eloi, lama sabaktani?” okungukuthi ngokuhunyushwa: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”


Kepha ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabaktani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”


owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


Ngokuba izinja ziyangibungayela; umbonda wababi ungizungezile; izandla zami nezinyawo zami bazibhobozile.


Ukugquma kwami kufika phambi kwesinkwa sami, nokububula kwami kuthululwa njengamanzi,


Wayesethi kubo: “Yiwo lawo mazwi ami engawakhuluma kini ngisenani okuthi: ‘Kumelwe ukugcwaliseka konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, nakubaprofethi nasemaHutsheni.’ ”


Jehova, umeleni kude na? Uzifihlelani ubuso ezikhathini zokuhlupheka na?


Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,”


Ngokuba uJehova akayikushiya abantu bakhe ngenxa yegama lakhe elikhulu, lokhu kwakukuhle kuJehova ukuzenzela nina nibe ngabantu bakhe.


Ungabi kude nami, ngokuba inhlupheko iseduze, nosizayo akakho.


bathi: “UNkulunkulu umshiyile; zingelani nimbambe, ngokuba akakho osindisayo.”


Ngiyakusondeza ukulunga kwami, akukude, insindiso yami ayiyikulibala; ngibeka insindiso eSiyoni nodumo lwami kwa-Israyeli.


Ngibuthakathaka, ngidubekile kabi; ngiyakhala ngenxa yokugqiha kwenhliziyo yami.


Ngokuba uJehova uthanda ukulunga, akabashiyi abangcwele bakhe; bayalondolozwa kuze kube phakade, kepha inzalo yababi iyachithwa.


Ngilondoloze, Nkulunkulu, ngokuba ngiyaphephela kuwe.


Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini.


Siyagwavuma sonke njengamabhere,* siyalilisela nokulilisela njengamajuba; silindela ukwahlulela, kepha akukho, nokusindiswa, kepha kukude nathi.


Ungamukisi umphefumulo wami kanye nezoni nokuphila kwami kanye nabantu begazi


Uwuhlephule izingcezu, uthele amafutha kuzo; kungumnikelo wempuphu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite