Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 20:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Bayathoba, bawe; kepha thina siyavuka, sime.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Bayowa bashaye ngamadolo phansi, kepha thina siyovuka, sime.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Awela phansi, kodwa thina sasukuma sama saqonda.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 20:8
17 Referans Kwoze  

Abamethembayo uJehova bafana nentaba yaseSiyoni engenakunyakaziswa kepha imi phakade.


Ungathokozi ngami, sitha sami; ngokuba uma ngiwile, ngiyakuvuka; lapho ngihlezi ebumnyameni, uJehova uzakuba ngukukhanya kwami.


“Mazibhubhe kanjalo zonke izitha zakho, Jehova; kepha abamthandayo mababe njengelanga, lapho liphuma ngamandla alo.” Izwe selaba nokuthula iminyaka engamashumi amane.


Aphuma wona nawo onke amabandla awo enawo, abantu abaningi, bengangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi, namahhashi nezinqola eziningi kakhulu.


UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, nomkhonto, nengcula, kepha mina ngiza kuwe ngegama likaJehova Sebawoti, uNkulunkulu wempi ka-Israyeli oyeyisile.


Ngesandla sezithunywa zakho uyijivazile inkosi, wathi: “Ngobuningi bezinqola zami ngenyuke mina phezulu ezintabeni ngaphakathi kweLebanoni; ngigawula imisedari* yalo emide nemisayipuresi* yalo ekhethekileyo ngangena endaweni yalo yokugcina nasehlathini lalo eliminyeneyo.


U-Asa wayesephuma ukuhlangabezana naye, bahlela impi esigodini saseSefata ngaseMaresha.


U-Asa wakhala kuJehova uNkulunkulu wakhe, wathi: “Jehova, akakho ngaphandle kwakho ongasiza phakathi konamandla amakhulu nongenawo; sisize, Jehova Nkulunkulu wethu, ngokuba sencika kuwe, sifike ngegama lakho kulesi sixuku. Jehova, wena unguNkulunkulu wethu, mawungahlulwa muntu.”


Ngokuba nganginamahloni ukucela enkosini impi nabamahhashi ukuba basisize ezitheni zasendleleni, ngokuba sasikhulumile enkosini, sathi: “Isandla sikaNkulunkulu wethu siphezu kwabo bonke abamfunayo ukuba kube kuhle, kepha amandla akhe nentukuthelo yakhe kuphezu kwabo bonke abamshiyayo.”


Ayikho inkosi esindiswa ngobuningi bempi yayo; isiqhwaga asikhululwa ngobukhulu bamandla aso.


Ihhashi liyize ekusindiseni, alihlangulisi ngobukhulu bamandla alo.


Usizo lwethu lusegameni likaJehova owenzile izulu nomhlaba.


Ihhashi lilungiselwa usuku lokulwa, kepha ukusindiswa kungokukaJehova.


“Ngiyakuphulukisa ukuhlehla kwabo, ngibathande ngesihle, ngokuba intukuthelo yami ibuyile kubo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite