Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 20:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Siyahalalisa ngensindiso yakho, siphakamise ibhandela* egameni likaNkulunkulu wethu; uJehova makagcwalise zonke izicelo zakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Sihlokome, sihalalise ngokunqoba kwakho, siphakamise ibhanela egameni likaNkulunkulu wethu. USimakade makaphumelelise konke okucelayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Siyakuthokoza ngensindiso yakho, siphakamise izindinganiso zethu egameni likaNkulunkulu wethu; uJehova makagcwalise zonke izicelo zakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 20:5
19 Referans Kwoze  

UMose walakha i-altare, waliqamba igama lokuthi iJehova-Nisi.


Abakwesabayo ubanike ibhanela* ukuba liphakanyiswe ngenxa yeqiniso. Sela*


Wayesephendula u-Eli ethi: “Hamba ngokuthula; uNkulunkulu wakwa-Israyeli makakunike okucelileyo kuye.”


Ngiyathokoza nokuthokoza ngoJehova, umphefumulo wami wenama ngoNkulunkulu wami, ngokuba ungembathisile izingubo zensindiso, wangisibekela ngesambatho sokulunga, njengomyeni efaka iqhele ngokompristi, nanjengomakoti ezihlobisa ngezimvunulo zakhe.


Kuyakuthiwa ngalolo suku: “Bheka, lo unguNkulunkulu wethu; simhlalele, uyakusisindisa; lo unguJehova; simhlalele; siyakujabula, sithokoze ngensindiso yakhe.”


nomoya wami uyathokoza kuNkulunkulu, uMsindisi wami,


Izwi lokwethaba nelokusindiswa lisezindlini zabalungileyo; esokunene sikaJehova senza okwamandla.


Khona umphefumulo wami uzakwethaba kuJehova, uthokoze ngokusindisa kwakhe.


Kepha ngiwuthembile umusa wakho; inhliziyo yami izakwethaba ngensindiso yakho;


ukuze ngilande ngalo lonke udumo lwakho, ngethabe ngokusindisa kwakho emasangweni endodakazi yaseSiyoni.


nokho mina ngiyakuthokoza ngoJehova, ngijabulele uNkulunkulu wokusindiswa kwami.


Ngokuba bonke abantu bahamba, kube yilowo nalowo ngegama likankulunkulu wakhe, kepha thina siyakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade.


Isilinganiso sawo siphumele emhlabeni wonke namazwi awo emkhawulweni womhlaba. Ulimisele ilanga itende kulo.


Kuyakuthi ngalolo suku impande kaJese ime iyibhanela* lezizwe; abezizwe bayakuyifuna, nendawo yayo iyakuba nodumo.


Jehova, inkosi iyajabula ngamandla akho; iyethaba kangakanani ngensindiso yakho.


UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, nomkhonto, nengcula, kepha mina ngiza kuwe ngegama likaJehova Sebawoti, uNkulunkulu wempi ka-Israyeli oyeyisile.


Ngokuba wayihlangabeza ngezibusiso zokuhle; wafaka umqhele wegolide elihle ekhanda layo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite