Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 2:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa, nababusi baceba icebo ngoJehova nangogcotshiweyo wakhe ngokuthi:

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa, nababusi baceba icebo ngogcotshiweyo kaSimakade, bathi:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Amakhosi omhlaba azilungisile, nababusi benza icebo ngoJehova nangogcotshiweyo wakhe, bathi:

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 2:2
27 Referans Kwoze  

Abapristi abakhulu nomphakathi wonke bafuna ubufakazi bamanga ngoJesu, ukuze bambulale;


Kwathi sekusile, bonke abapristi abakhulu namalunga esizwe benza icebo ngoJesu lokuba bambulale;


Ukuthandile ukulunga, wakuzonda okubi: ngakho-ke uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ukugcobile ngamafutha enjabulo ngokungaphezu kwabangane bakho.


lokuthi: UNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamandla, owahamba enza umusa, ephulukisa bonke ababesemandleni kaSathane, ngokuba uNkulunkulu wayenaye.


Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, nesiluleko, okungamelana noJehova.


yena wafumana kuqala umfowabo uSimoni, wathi kuye: “Simfumene uMesiya,” okungukuthi ngokuhunyushwa uKristu.


Ungakhohlwa izwi lezitha zakho, ukuxokozela kwabakuvukelayo okwenyukela njalonjalo.


Ngokuba bheka, amakhosi abuthana; aqhubeka kanyekanye.


Ngakho hlakaniphani nina makhosi; yalekani nina bahluleli bomhlaba.


Ngokuba lowo uNkulunkulu amthumileyo ukhuluma amazwi kaNkulunkulu; ngokuba akaniki uMoya ngokulinganisela.


Ngifumene inceku yami uDavide, ngimgcobile ngamafutha ami angcwele.


Khumbula lokhu, Jehova, ukuthi isitha sithukile, nesizwe esinobuwula silihlambalazile igama lakho.


Kusasa niyakubona inkazimulo kaJehova, lokhu ezwile izinkonono zenu ngoJehova; thina siyini ukuba nikhonone ngathi na?”


Uthandile ukulunga, wazonda ububi; ngalokho-ke uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ukugcobile ngamafutha enjabulo ngaphezu kwabafowenu,”


Ozonda mina uzonda noBaba.


Ngawo lowo mzuzwana kweza abaFarisi abathile, bathi kuye: “Suka, umuke lapha, ngokuba uHerode ufuna ukukubulala.”


Khona uHerode, esebonile ukuthi izazi zimphambile, wathukuthela kakhulu, wathumela wabulala bonke abantwana besilisa baseBetlehema nasendaweni yonke yangakhona, abaminyaka mibili nangaphansi njengesikhathi abesibuzisisile kuzo izazi.


UMoya weNkosi uJehova uphezu kwami, ngokuba uJehova ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwa nokuvulelwa kweziboshwa itilongo,


INkosi ingakwesokunene sakho; iyakuchoboza amakhosi ngosuku lwentukuthelo yayo.


Wawa phansi emhlabathini, wezwa izwi lithi kuye: “Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.”


Khona kwabuthana abapristi abakhulu namalunga esizwe egcekeni lompristi omkhulu othiwa uKayafase.


Abona, ayesemangala; ashaywa luvalo, aphaphatheka.


amatende ka-Edomi naka-Ishmayeli, nakaMowabi nakaHagari,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite