Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 19:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ukumesaba uJehova kuhlanzekile, kumi kuze kube phakade; imithetho kaJehova iyiqiniso, ilungile yonke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Ukwesaba uSimakade kungukuhlanzeka, kumi kuze kube phakade. Izehlulelo zikaSimakade ziliqiniso, zilungile zonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ukumesaba uJehova kuhlanzekile, kumi phakade; izahlulelo zikaJehova ziqinisile futhi zilungile.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 19:9
36 Referans Kwoze  

Yesabani uJehova kuphela, nimkhonze ngeqiniso ngenhliziyo yenu yonke, ngokuba bhekani okukhulu anenzele khona.


Ukulunga kwakho kungukulunga okuphakade; umthetho wakho uyiqiniso.


Babusisiwe abaqotho endleleni, abahamba ngemithetho kaJehova.


Bahlabelela igama likaMose inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke; zilungile, ziqinisile izindlela zakho wena Nkosi yezizwe;


Uyakubusisa abamesabayo uJehova, abancane nabakhulu.


Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; banengqondo enhle bonke abakwenzayo. Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.


Kuyakuthi sengisukile kuwe, uMoya kaJehova akuyise lapho ngingazi khona, nanxa sengifika ukuba ngimtshele u-Ahabi, yena angakufumani, uyakungibulala; kepha mina nceku yakho ngiyamesaba uJehova kwasebusheni bami.


Yisiphi isizwe esikhulu esinezimiso nezahlulelo ezilungile njengawo wonke lo mthetho engiwubeka phambi kwenu namuhla na?


Wayesethi kubo uJosefa ngosuku lwesithathu: “Yenzani lokhu, niphile, ngokuba ngiyamesaba uNkulunkulu.


ngokuba ziqinisile, zilungile izahlulelo zakhe; ngokuba isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, uliphindisele igazi lezinceku zakhe esandleni saso.”


Ngase ngizwa i-altare lithi: “Yebo, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke, ziqinisile, zilungile izahlulelo zakho.”


Siyazi ukuthi ukwahlulela kukaNkulunkulu ngokweqiniso kubehlela abenza okunjalo.


Yebo, ezindleleni zezahlulelo zakho, Jehova, sikuhlalele. Umphefumulo uyalangazelela igama lakho nesikhumbuzo sakho.


Ngifungile; ukulonda izahlulelo zakho ezilungileyo ngakugcina.


Ngiyakukubonga ngobuqotho benhliziyo, lapho ngifunda izahlulelo zakho ezilungileyo.


Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulukazi, ukwahlulela kwakho kulutwa olukhulu; usindisa abantu nezilwane, Jehova.


Inkulumo yesiphambeko komubi, isekujuleni kwenhliziyo yami, ithi: Akukho ukumesaba uNkulunkulu phambi kwamehlo akhe.


Izindlela zakhe zithembekile izikhathi zonke; izahlulelo zakho ziphakeme kakhulu kunokubona kwakhe; zonke izitha zakhe uyazidelela.


Kepha ababusi bokuqala ababe phambi kwami babebathwesile abantu, bathatha kubo isinkwa newayini kanye namashekeli* angamashumi amane esiliva; nezinceku zachachaza phezu kwabantu; kepha mina angenzanga kanjalo ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


“Yilezi izahlulelo ozakuzimisa phambi kwabo.


Yayisithi: “Ungabeki isandla sakho kumfana, ungenzi lutho kuye, ngokuba ngiyazi manje ukuthi uyamesaba uNkulunkulu, lokhu ungagodlanga kimi nandodana eyodwa yakho.”


Bheka-ke ububele nobukhali bukaNkulunkulu; ubukhali kulabo abawayo kepha kuwe ububele bukaNkulunkulu, uma uhlala ebubeleni; uma kungenjalo, uzakunqunywa nawe.


Bathi: “UKorneliyu induna yekhulu, indoda elungileyo nemesabayo uNkulunkulu, efakazelwa kahle esizweni sonke sabaJuda, uyaliwe yingelosi engcwele ukuba akubizele endlini yakhe, ezwe amazwi kuwe.”


Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi; ukuzidla, nokuzikhukhumeza, nendlela embi, nomlomo wobuphoxo, ngiyakuzonda.


Uyatshengisa izwi lakhe kuJakobe, izimiso zakhe nezahlulelo zakhe ku-Israyeli.


Ngiyazi ukuthi izahlulelo zakho zilungile nokuthi wangilaya ngokuthembeka.


Phakathi kobusuku ngiyakuvuka ngikubonge ngenxa yezahlulelo zakho ezilungileyo.


Dlulisa isihlamba engisesabayo, ngokuba izahlulelo zakho zinhle.


Wena Jehova uyakubagcina, ubavikele kulesi sizukulwane kuze kube phakade.


Ngidlile ifa lobufakazi bakho kuze kube phakade, ngokuba kuyintokozo yenhliziyo yami.


Angikhulumanga ekusithekeni, endaweni emnyama emhlabeni; angishongo enzalweni kaJakobe ukuthi: ‘Ngifuneni ngeze.’ Mina Jehova ngikhuluma ukulunga, ngimemezela okuqotho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite