Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 19:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Umthetho kaJehova uphelele, uvusa umphefumulo; ukufakaza kukaJehova kuqinisile, kuhlakaniphisa oyisiwula.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Umthetho kaSimakade uphelele, uvuselela umphefumulo. Ubufakazi bukaSimakade buthembekile, nongebani bumnika ukuhlakanipha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Umthetho kaJehova uphelele, uvuselela umphefumulo; ubufakazi bukaJehova buqinisile, buhlakaniphisa abangenalwazi.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 19:7
41 Referans Kwoze  

Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa, yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi.


Imisebenzi yezandla zakhe iyiqiniso nokwahlulela; imithetho yonke yakhe iqinile;


Izwi likaKristu alihlale phakathi kwenu, livame, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.


nokunika abangenalwazi ukuhlakanipha, nezinsizwa ukwazi namasu,


Ubuyisa umphefumulo wami; uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe.


Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami.


“Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho yena.


Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi, sinalolu phawu lokuthi: “INkosi iyabazi abangabayo,” nokuthi: “Yilowo nalowo ophatha igama likaKristu makadede kukho ukungalungi.”


Ukufakaza kwakho kuqinisekile kakhulu. Ubungcwele buyifanele indlu yakho, Jehova, kuze kube phakade.


Ngalokho ungabi namahloni ngobufakazi ngeNkosi yethu nangami, isiboshwa sayo, kodwa hlanganyela ukuhluphekela ivangeli ngamandla kaNkulunkulu


Emthethweni-ke nasebufakazini! Impela leli zwi abalikhulumayo alinakho ukusa.


Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.


Ngokuba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe nethemba.


Ngidlile ifa lobufakazi bakho kuze kube phakade, ngokuba kuyintokozo yenhliziyo yami.


Le ncwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho, kepha wozindla ngayo imini nobusuku ukuba uqaphele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo, ngokuba lapho uyakuhlahlamelisa indlela yakho, uphumelele kahle.


Ngaye bonke abaprofethi bafakaza ukuthi ngegama lakhe bonke abakholwa nguye bayakwamukela ukuthethelelwa kwezono.”


Umthetho womlomo wakho muhle kunezinkulungwane zegolide nezesiliva.


Indlela kaNkulunkulu iphelele; izwi likaJehova lihlanzekile; yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.


Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe; ngizibekele amazwi akhe kunezimiso zami.


ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe ntsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.


Ubufakazi bakho buyintokozo yami, bungumluleki wami.


Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho njengemfuyo.


Nihlola imibhalo, ngokuba nithi ninokuphila okuphakade kuyo; yiyona efakaza ngami.


Bopha ubufakazi, uwunamathelise umthetho phakathi kwabafundi bami.


Kudala ngazile ngobufakazi bakho ukuthi ubusekele kuze kube phakade.


Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na? Ngokuqaphela okwezwi lakho.


“Ayinjalo indlu yami kuNkulunkulu na? Ngokuba wenzile nami isivumelwano esiphakade; sihleliwe ezintweni zonke, sigcinekile, ngokuba yonke insindiso yami nokwenama kwami akayikukuhlumisa na?


Ngase ngiwa phansi phambi kwezinyawo ukukhuleka kuyo. Yayisithi kimi: “Musa; ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abaphethe ubufakazi bukaJesu; khuleka kuNkulunkulu. Ngokuba ubufakazi bukaJesu bungumoya wokuprofetha.”


Kukhulu ngezindlela zonke. Kuqala ngokuba baphathisiwe amazwi kaNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite