Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 19:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Yilonde inceku yakho nasezonweni ezihlazisayo; mazingabusi phezu kwami. Yikhona ngiyakube ngiphelele, ngingabe ngisaba necala eziphambekweni ezinkulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Nqanda inceku yakho ezonweni ezihlazisayo; mazingabusi phezu kwami. Yikhona ngizohlala ngingenasisihla, ngibe msulwa eziphambekweni ezinkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Futhi gcina inceku yakho ezonweni zokugabadela; mazingabuse phezu kwami; khona-ke ngizoba qotho futhi ngingabi nacala ecaleni elikhulu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 19:13
21 Referans Kwoze  

Qinisa izinyathelo zami ezwini lakho; makungangibusi nobubodwa ububi.


Kulokhu nami ngiyazama ukuba njalo ngibe nonembeza ongenacala phambi kukaNkulunkulu nabantu.


UDavide esezwile ukuthi uNabali ufile, wathi: “Makabusiswe uJehova omele indaba yehlazo lami esandleni sikaNabali, ovimbele inceku yakhe ebubini, wabuyisela ububi bukaNabali ekhanda lakhe.” UDavide wathumela wakhuluma ku-Abigayili ukuba amthathe abe ngumkakhe.


Isihlangu sami sikuNkulunkulu osindisa abaqotho ngenhliziyo.


Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu; uJehova uyakupha umusa nodumo; akayikubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.


Wayesethi uNkulunkulu kuye ephusheni: “Nami ngiyazi ukuthi ukwenze lokhu ngobuqotho benhliziyo yakho; futhi ngakuvimba ukuba ungoni kimi; ngalokho angikuvumelanga ukuba umthinte.


ikakhulu labo abahamba ngokwenyama enkanukweni yokuzingcolisa, bedelela ubukhosi; bengamaphikankani nabaziqhenyayo abesabi nokuhlambalaza abenkazimulo,


Ngangiphelele kuye; ngabuxwaya ububi.


Ngokuba uJehova ulungile, uyathanda ukulunga; oqotho uyakubheka ubuso bakhe.


Uma umuntu esukela umakhelwane wakhe, ambulale ngobuqili, womsusa nase-altare lami ukuba afe.


“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma umuntu ona kungengamabomu kuyo imiyalo uJehova ayale ngayo ukuthi akunakwenziwa akwenze noma yikuphi,


“ ‘Uma-ke yonke inhlangano yakwa-Israyeli iduka, leyo nto isitheke emehlweni ebandla, benza noma yikuphi kuyo yonke imiyalo uJehova ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, baze babe necala,


“ ‘Nxa kona induna, yenza kungengamabomu noma yikuphi kuyo yonke imiyalo uJehova uNkulunkulu wayo ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, ize ibe necala,


“ ‘Uma kona umuntukazana, enza kungengamabomu noma yikuphi kuyo imiyalo uJehova ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, aze abe necala,


Lokhu engingakuboni, ngifundise khona; uma ngenzile okubi, angisayikukuphinda.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite