Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 19:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngubani owazi iziphosiso zakhe na? Ngithethelele kwezisithekileyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Ngubani owazi amaphutha akhe na? Ngithethelele eziphosisweni ezisithekileyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ubani ongaqonda amaphutha akhe? Ngihlanze emaphutheni afihliweyo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 19:12
19 Referans Kwoze  

Ubekile amacala ethu phambi kwakho, izono zethu ezifihliweyo ekukhanyeni kobuso bakho.


“Ngifundiseni, khona ngiyakuthula mina, ningiqondise lapho ngiduke khona.


Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi imbi; ngubani ongayazi na?


Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile, iziphambeko zami zingificile, angaze ngaba nakubona; ziningi kunezinwele zekhanda lami; inhliziyo yami ingishiyile.


Ngokuba angizinyezi ngalutho ngokwami, nokho angilungisisiwe ngalokho; kepha ongahlulelayo yiNkosi.


kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena uqobo esekukhanyeni, khona sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.


kodwa kwelesibili kungena umpristi omkhulu yedwa kanye ngomnyaka, kungengaphandle kwegazi anikela ngalo ngenxa yakhe uqobo nangenxa yezono zabantu,


Ukwazi okunjalo kuyangimangalisa; kuphakeme, anginakufinyelela kukho.


Sonke saba njengongcolileyo, nokulunga kwethu konke kwakunjengengubo enindiweyo; sabuna sonke njengeqabunga, nobubi bethu basisusa njengomoya.


Uyakwazi ukuhlala kwami nokuvuka kwami, uqonda umcabango wami ukude.


Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami.


Izenzo ezimbi zangahlula; iziphambeko zethu uyaziyekela.


UJehova wayesethi kuMose: “Khuphukela kimi entabeni, uhlale khona, ngikunike izibhebhe zamatshe, nomthetho, nemiyalelo engiyibhalile ukuba ubafundise yona.”


Sengathi kungaba khona kubo inhliziyo enjalo ukuba bangesabe, bagcine njalo yonke imiyalelo yami, kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade.


“Niyakuqaphela ukwenza njengalokho uJehova uNkulunkulu wenu eniyalile, ningaphenduki ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.


Odelela izwi uzehlisela ukubhujiswa, kepha owesaba imiyalo uyakuvuzwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite