Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 19:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Nenceku yakho iyayalwa ngayo; oyigcinayo uyakuba nomvuzo omkhulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Ngazo, ngisho inceku yakho iyexwayiswa. Ukuzigcina kunomvuzo omkhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Futhi, inceku yakho iyaxwayiswa yizo, futhi ukuzigcina kukhona umvuzo omkhulu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 19:11
25 Referans Kwoze  

Ziqapheleni nina, ukuze ningalahlekelwa ngesikusebenzileyo, kodwa namukele umvuzo opheleleyo.


Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe.


Kepha obukisisa emthethweni opheleleyo wenkululeko nohlala kuwo, engesiye ozwayo nje akhohlwe, kodwa engowenzayo asebenze, lowo uzakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.


Lapho kungekho mbono khona, abantu bayadlubulunda, kepha ogcina umthetho ubusisiwe.


ukuze isipho sakho sibe sekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.


Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi: “Loba ukuthi: Babusisiwe abafileyo abafele eNkosini kusukela kulesi sikhathi.” “Yebo,” usho uMoya, “ukuze baphumule ekukhandlekeni kwabo; ngokuba imisebenzi yabo iyabalandela.”


ethi ukuthukwa ngenxa kaKristu kuyimfuyo enkulu kunengcebo yaseGibithe, ngokuba wayebheke umvuzo.


Kepha siyaniyala, bazalwane, ukuba niluleke abangahambi ngomthetho, nithokozise abadanileyo, nisekele ababuthakathaka, nibabekezelele bonke.


Kepha kwathi ebona abaningi kubaFarisi nabaSadusi beza embhapathizweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onibonise ukubalekela intukuthelo ezayo na?


Angikulobi lokho ukuba nginithele amahloni, kodwa ukuba nginiluleke njengabantwana bami abathandekayo.


Ngakho lindani, nikhumbule ukuthi ngeminyaka emithathu ubusuku nemini angiyekanga ukuniluleka nonke ngabanye ngezinyembezi.


ukuze ungabonakali kubantu ukuthi uzilile kodwa kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.


Omubi uthola inzuzo yenkohliso, kepha ohlwanyela ukulunga unomvuzo oqinisekileyo.


Yonke imibango efika kini ivela kubafowenu abahlala emizini yabo phakathi kwegazi negazi, noma phakathi komthetho nomyalo, noma phakathi kwezimiso nezahlulelo, niyakubaxwayisa ngayo ukuba bangabi nacala kuJehova, nehlelwe yintukuthelo nina nabafowenu; yenzani njalo, aniyikuba nacala.


Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.


Umthetho womlomo wakho muhle kunezinkulungwane zegolide nezesiliva.


Amnandi kangaka amazwi akho ekunambitheni kwami; adlula izinyosi emlonyeni wami.


Yazi ukuthi kunjalo ukuhlakanipha emphefumulweni wakho; uma ukutholile, kuyakuba khona isikhathi esizayo, nethemba lakho aliyikunqunywa.


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, sidlise isisu sakho, ugcwalise izibilini zakho ngalo mqulu engikunika wona.” Ngase ngiwudla, wawumnandi emlonyeni wami njengezinyosi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite