Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 18:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kwenyuka umusi emakhaleni akhe, nomlilo odlayo emlonyeni wakhe; amalahle avutha kuye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Ukhafula intuthu ngamakhala akhe, kuthaphuke umlilo oqothulayo emlonyeni wakhe, akhafule amalahle avuthayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kwenyuka umusi emakhaleni akhe nomlilo emlonyeni wakhe wadla; amalahle abaswa ngakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 18:8
18 Referans Kwoze  

Uyakubenza babe njengesithando somlilo, nxa ubonakalisa ubuso bakho; uJehova uyakubagwinya ngentukuthelo yakhe, umlilo uyakubaqeda.


Unisa izihibe phezu kwababi; umlilo nesibabule nomoya oshisayo kuyisabelo sendebe yabo.


“Nganichitha njengalokho uNkulunkulu achitha iSodoma neGomora; naninjengesikhuni esophulwe emlilweni, kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.


Umnonjana womlilo wavela, waphuma phambi kwakhe; izinkulungwane zenkulungwane zazimkhonza, nezinkulungwane eziyishumi zezinkulungwane eziyishumi zazimi ngaphambi kwakhe; kwahlala abahluleli, izincwadi zavulwa.


Umlilo waphuma kuJehova, waqeda abantu abangamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, ababenikele ngempepho.


Kwaphuma umlilo ngaphambi kukaJehova, wabaqeda, bafa phambi kukaJehova.


Wabheka ngaseSodoma naseGomora nasezweni lonke lethafa, wabona, bheka, isisi sezwe senyuka njengomusi weziko.


Uma kukhona ofuna ukona laba, kuphuma umlilo emlonyeni wabo, udle izitha zabo, uziqede; yebo, uma kukhona ofuna ukona laba, kumelwe ukuba abulawe kanjalo.


yena obheka umhlaba, besewuthuthumela, othinta izintaba, zithunqe.


Nkulunkulu, usilahleleni kuze kube phakade na? Intukuthelo yakho ithunqelelani izimvu zedlelo lakho na?


UNkulunkulu wethu uyeza, akayikuthula; umlilo udla phambi kwakhe; uphahlwe yisivunguvungu esikhulu.


uJehova angamthetheleli, kepha intukuthelo kaJehova nomhawu wakhe kumvuthele lowo muntu, kuze kuthi zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi zibe phezu kwakhe, uJehova alesule igama lakhe phansi kwezulu.


Kwathi abantu bakhonona, kwabakubi ezindlebeni zikaJehova; esekuzwile uJehova, yavutha intukuthelo yakhe; umlilo kaJehova washa phakathi kwabo, wabaqeda abasemkhawulweni wekamu.*


Emlonyeni wakhe kuphuma izihlanti, nezinhlansi zomlilo ziyaqhasha.


Kuyakuthi obalekela umsindo wokwesaba awele emgodini; okhuphuka emgodini uyakubanjwa lugibe, ngokuba amafasitele aphezulu avuliwe, nezisekelo zomhlaba ziyazamazama.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite