Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 18:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngakhala kuNkulunkulu wami; walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami phambi kwakhe kwangena ezindlebeni zakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuSimakade, ngakhala, uNkulunkulu walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami, kwafinyelela ezindlebeni zakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngambiza uNkulunkulu wami; Wezwa izwi lami ethempelini lakhe, nokukhala kwami kwaphumela ezindlebeni zakhe phambi kwakhe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 18:6
17 Referans Kwoze  

ngibize ngosuku lwenhlupheko; ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngakhala kuNkulunkulu wami; walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami kwangena ezindlebeni zakhe.


Amehlo kaJehova akubo abalungileyo; izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo.


Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova, wangiphendula.


Ngakho-ke uPetru wagcinwa etilongweni; kepha ibandla lamkhulekela ngesineke kuNkulunkulu.


Base besukuma abapristi namaLevi, bababusisa abantu; izwi labo lezwakala, nomkhuleko wabo wafika endaweni yakhe engcwele ezulwini.


Kwathi sekudlulile izinsuku eziningi, inkosi yaseGibithe yafa; abakwa-Israyeli babubula ngenxa yobugqila, bakhala; ukukhala kwabo kwenyukela kuNkulunkulu ngobugqila babo.


Kepha uJehova usethempelini lakhe elingcwele; thula phambi kwakhe, mhlaba wonke.”


UJehova usethempelini lakhe elingcwele, uJehova, isihlalo sakhe sobukhosi sisezulwini; amehlo akhe ayabuka, izinkophe zakhe ziyahlola abantwana babantu.


Kepha mina ngiyakungena endlini yakho ngobuningi bomusa wakho, ngikhothame ngokukuhlonipha, ngibhekene nendawo yakho engcwele.


Kwase kuvulwa ithempeli likaNkulunkulu elisezulwini, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe; kwase kuba khona imibani, namazwi, nokuduma, nokuzamazama komhlaba, nesichotho esikhulu.


Wathi: “Aba, Baba, konke kungenzeka kuwe; ake ususe kimi lesi sitsha, kepha kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.”


Ngifikelwe luvalo nokuqhaqhazela; ngikhwelwe ngukwesaba okukhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite