Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 18:28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Ngokuba wena uyokhela isibani sami; uJehova uNkulunkulu wami uyakhanyisa ubumnyama bami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

28 USimakade uNkulunkulu wami, ukhanyisa isibani sami, akhanyise ubumnyama bami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Ngokuba wena uyakukhanyisa isibani sami; uJehova uNkulunkulu wami uyakukhanyisa ubumnyama bami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 18:28
15 Referans Kwoze  

lapho isibani sakhe sasikhanya phezu kwekhanda lami, ngihamba ebumnyameni ngokukhanya kwakhe,


Ngokuba wena uyisibani sami, Jehova; uJehova uyakhanyisa ubumnyama bami.


Ngiyakuhambisa izimpumputhe ngendlela ezingayaziyo; emikhondweni ezingayaziyo ngiyakuzihola; ngiyakwenza ubumnyama bube ngukukhanya phambi kwazo, namagebhugebhu ukuba ahlelenjwe; ngiyakwenza lezi zinto ngingazishiyi.


kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;


isizwe esasihlezi ebumnyameni sibonile ukukhanya okukhulu, nababehlezi ezweni nasethunzini lokufa kuphumele kubo ukukhanya.”


ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa nokuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula.”


Umoya womuntu uyisibani sikaJehova, siphenya konke okuphakathi komuntu.


Kuyabaphumela abalungileyo ukukhanya ebumnyameni: umusa, nobubele, nokulunga.


Ngenxa yeSiyoni angiyikuthula, nangenxa yeJerusalema angiyikuphumula, ukulunga kwalo kungakaphumi njengokukhanya nokusindiswa kwalo njengesibani esivuthayo.


“Ngiyakuhlumisa uphondo lukaDavide, ogcotshiweyo wami ngimlungisele isibani.


Ukukhanya kuyakufiphala etendeni lakhe, nesibani sakhe phezu kwakhe siyakucimeka.


Nokho ngenxa kaDavide uJehova uNkulunkulu wakhe wamnika isibani eJerusalema ngokuvusa indodana yakhe emva kwakhe nokumisa iJerusalema,


Indodana yakhe ngiyakuyinika isizwe sibe sinye, ukuze uDavide inceku yami abe nesibani izinsuku zonke phambi kwami eJerusalema, umuzi engiwukhethileyo ukuba ngibeke khona igama lami.


Amehlo omuntu aziphakamisileyo ayakuthotshiswa, nokuzikhukhumeza kwamadoda kuyakufola, kuphakame uJehova kuphela ngalolo suku.


Ngokuba uJehova Sebawoti unosuku oluyakuba phezu kwakho konke okuzidlayo nokuzikhukhumezayo, naphezu kwakho konke okuphakemeyo, kuthotshiswe,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite