Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 18:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami; uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Simakade, uyidwala lami nenqaba yami, noMkhululi wami, uNkulunkulu wami; uyidwala engikhosela kulo, isihlangu sami, nophondo lwensindiso yami, inqaba yami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 UJehova uyidwala lami nenqaba yami nomsindisi wami; uNkulunkulu wami, inqaba yami, engimethembayo; isihlangu sami nophondo lwensindiso yami nombhoshongo wami ophakeme.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 18:2
18 Referans Kwoze  

umusa wami nenqaba yami, umbhoshongo wami ophakemeyo nomkhululi wami, isihlangu sami, nengiphephela kuye, nothobisa abantu bami phansi kwami.


Insindiso yami nodumo lwami kukuNkulunkulu; idwala lami eliqinileyo nesiphephelo sami kukuNkulunkulu.


uthi kuJehova: “Uyisiphephelo sami nenqaba yami noNkulunkulu wami engimethembayo.”


Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami makuthandeke ebusweni bakho, Jehova, dwala lami nomhlengi wami.


Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.


Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami, inqaba yami; angiyikunyakaziswa kakhulu.


uNkulunkulu uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo nesiphephelo sami; msindisi wami, uyangisindisa ebudloveni.


Jehova, mandla ami nenqaba yami, siphephelo sami ngosuku lokuhlupheka, bayakuza kuwe abezizwe, bevela emajukujukwini omhlaba, bathi: “Obaba badlile ifa lamanga kuphela, okuyize, engekho kukho insizakalo.


Umuntu uyakuba yindawo yokucashela umoya nesivikelo esivunguvungwini njengemifula yamanzi endaweni eyomileyo, njengomthunzi wedwala ezweni eliyethileyo.


Ngezimpaphe zakhe uyakukusibekela, uphephele phansi kwamaphiko akhe; ukuthembeka kwakhe kuyisihlangu nehawu.


futhi: “Ngiyakubeka ithemba lami kuye,” futhi: “Bheka mina nabantwana uNkulunkulu anginike bona.”


Uyabekela abaqotho isibusiso, uyihawu kwabahamba bengenacala,


Ngikhala kuwe Jehova; Dwala lami, ungabi yisithulu kimi, funa kuthi, uma uthula kimi, ngifane nabashona emgodini.


Ungazibulali, funa abantu bami bakhohlwe; zizulise ngamandla akho, uzilahle phansi, Nkosi, sihlangu sethu.


Zonke izimpondo zababi ngiyakuzinquma; kepha izimpondo zolungileyo ziyakuphakanyiswa.


“Ngiyakuhlumisa uphondo lukaDavide, ogcotshiweyo wami ngimlungisele isibani.


UJehova ungamandla ami nehubo lami; waba yinsindiso kimi; unguNkulunkulu wami: ngizakumdumisa, noNkulunkulu kababa: ngizakumphakamisa.


Ngiyamthanda uJehova, ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite