Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 148:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Usephakamisile uphondo lwabantu bakhe; ngalokho bayamdumisa abangcwele bakhe, abantwana bakwa-Israyeli, abantu abaseduze naye. Haleluya!

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Useluphakamisile udumo lwabantu bakhe, ngalokho-ke abethembekileyo bakhe bayamdumisa, abantu bakwa-Israyeli; abantu abaseduze naye. Haleluya!

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Uyaluphakamisa uphondo lwabantu bakhe, udumo lwabangcwele bakhe bonke; wabantwana bakwa-Israyeli, abantu ababeseduze naye. Dumisani uJehova.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 148:14
19 Referans Kwoze  

Zonke izimpondo zababi ngiyakuzinquma; kepha izimpondo zolungileyo ziyakuphakanyiswa.


Weza washumayela ivangeli lokuthula kinina enanikude, yebo, ukuthula nakubo abaseduze.


Ngokuba yisiphi isizwe esikhulu esinonkulunkulu oseduze naso njengoJehova uNkulunkulu wethu, enjalo nanini lapho simbiza, na?


UHana wakhuleka wathi: “Inhliziyo yami iyethaba kuJehova, uphondo lwami luphakeme kuJehova; umlomo wami ukhamisile phezu kwezitha zami, ngokuba ngenama ngensindiso yakho.


kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;


Uludumo lwakho, unguNkulunkulu wakho okwenzele lezi zinto ezinkulu nezesabekayo azibonileyo amehlo akho.


Uyaphana, uyabanika abampofu; ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade; uphondo lwakhe luyakuphakama ngodumo.


Kepha manje kuKristu Jesu nina enanikade nikude senenziwe abaseduze ngegazi likaKristu.


bafeze phezu kwabo isahlulelo esilotshiweyo; kuludumo kubo bonke abangcwele bakhe. Haleluya!


Ngakho aniseyibo abafokazi nezihambi, kodwa senimbuso munye nabangcwele, ningabendlu kaNkulunkulu,


ukukhanya kokwambulela abezizwe nenkazimulo yesizwe sakho u-Israyeli.”


Uwisile amakhosi ezihlalweni, uphakamisile abantukazana.


Ngiphulukise, Jehova, ngiphuluke; ngisindise, ngisindiswe, ngokuba uludumo lwami.


Yonke imisebenzi yakho iyakukudumisa, abangcwele bakho bakubonge.


Kepha uphondo lwami uyaluphakamisa njengolwenyathi, ngigcotshwa ngamafutha amasha.


Ngokuba wena uyinkazimulo yamandla abo; ngomusa wakho uphondo lwethu luyaphakama.


Ngokuba isihlangu sethu singesikaJehova; inkosi yethu ingeyoNgcwele ka-Israyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite