Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 147:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Akathokozi ngamandla ehhashi, akajabuleli imilenze yomuntu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Akathokozi ngamandla ehhashi, akajatshuliswa yijubane lomuntu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Akathokozi ngamandla ehhashi; akathokozi ngemilenze yomuntu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 147:10
11 Referans Kwoze  

Abanye izinqola, abanye amahhashi, kepha thina sibonga igama likaJehova uNkulunkulu wethu.


Kepha uJehova wathi kuSamuweli: “Ungabheki isimo sakhe nobude bomzimba wakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uJehova engabukisi okomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.”


Wo kubona abehlela eGibithe ukuba basizwe khona, bencike emahhashini, bethemba ezinqoleni, ngokuba ziningi, nakubo abamahhashi, ngokuba benamandla; kepha ababheki koNgcwele ka-Israyeli, noJehova abamfuni.


Ngabuye ngabona phansi kwelanga ukuthi ukujaha akuyi ngabanejubane, nokulwa ngamaqhawe, nesinkwa ngabahlakaniphileyo, nengcebo ngabaqondileyo, nomusa ngabanokwazi, ngokuba bonke bahlangabezana nesikhathi nethuba.


Ihhashi lilungiselwa usuku lokulwa, kepha ukusindiswa kungokukaJehova.


Kepha indlu yakwaJuda ngiyakuyihawukela, ngibasindise ngoJehova uNkulunkulu wabo, ngingabasindisi ngomnsalo, nangenkemba, nangokulwa, nangamahhashi, nangabamahhashi.”


“OSawule noJonathani babethandeka, bemnandi; ekuphileni nasekufeni kwabo kabahlukaniswanga; babenejubane kunezinkozi, babenamandla kunezingonyama.


Ungayethemba, ngokuba amandla ayo makhulu, ushiye umshikashika wakho kuyo, na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite