Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 146:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 UJehova uyenza ukuba izimpumputhe zibone; uJehova uyavusa abathotshisiweyo; uJehova uyathanda abalungileyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 USimakade uyawavula amehlo ezimpumputhe, zibone. USimakade uyabavusa abathotshisiweyo. USimakade uyabathanda abalungileyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 UJehova uvula amehlo ezimpumputhe; uJehova uyabavusa abathotshisiweyo; uJehova uthanda olungileyo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 146:8
18 Referans Kwoze  

Ngokuba uJehova ulungile, uyathanda ukulunga; oqotho uyakubheka ubuso bakhe.


UJehova uyaphasa bonke abawayo, abavuse bonke abathotshisiweyo.


Ayesevuleka amehlo azo. UJesu waziyalisisa, wathi: “Qaphelani ukuba kungaziwa muntu.”


ukuvula amehlo abo ukuba basuke ebumnyameni, baphendukele ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baphendukele kuNkulunkulu, ukuze bamukeliswe ukuthethelelwa kwezono nesabelo phakathi kwabangcwelisiweyo ngokukholwa kimi.’


kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;


ekhanyisiwe amehlo enhliziyo yenu, nize nazi okuyithemba lobizo lwakhe nokuyingcebo yenkazimulo yefa lakhe kubo abangcwele,


Nokho uNkulunkulu oduduza abadanileyo usiduduzile thina ngokufika kukaThithu,


ngokuba uBaba uqobo uyanithanda, ngokuba ningithandile nina, nakholwa ukuthi mina ngavela kuNkulunkulu.


Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli;


Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa, zivuleke nezindlebe zezithulu.


Ngiyakuhambisa izimpumputhe ngendlela ezingayaziyo; emikhondweni ezingayaziyo ngiyakuzihola; ngiyakwenza ubumnyama bube ngukukhanya phambi kwazo, namagebhugebhu ukuba ahlelenjwe; ngiyakwenza lezi zinto ngingazishiyi.


UJehova uyaphakamisa abathobekileyo; ababi uyabawisa phansi emhlabathini.


Yebo, uyazithanda izizwe, bonke abangcwele bakhe basesandleni sakho; bahlala ngasezinyaweni zakho, bamukele okwamazwi akho.


“Yizwani nina zithulu; bhekani nina zimpumputhe, ukuze nibone.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite