Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 146:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 obenzela abacindezelweyo ukwahlulela, obapha abalambileyo ukudla; uJehova uyakhulula iziboshwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Obenzela ubulungiswa abacindezelweyo, opha abalambileyo ukudla, uSimakade uyazikhulula iziboshwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 owahlulela abacindezelweyo, opha abalambileyo ukudla. UJehova uyabakhulula abathunjwa.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 146:7
27 Referans Kwoze  

UJehova ubenzela bonke abacindezelwayo ukulunga nokwahlulela.


uNkulunkulu ohlalisa imihlalaqha ezindlini, akhiphele iziboshwa ekubuseni; ngabahlubukileyo bodwa abakhe ezweni elomileyo.


UMoya weNkosi uJehova uphezu kwami, ngokuba uJehova ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwa nokuvulelwa kweziboshwa itilongo,


“UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu, ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokubona kwabayizimpumputhe, nokuhlenga abacindezelweyo,


ukuba wahlulele intandane nocindezelweyo, ukuze umuntu wasemhlabeni angabe esabanga uvalo.


Khipha umphefumulo wami etilongweni ukuba ngibonge igama lakho; abalungileyo bayakungizungeza, ngokuba uyakungiphatha kahle.


kwavela ngokuzuma ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwazanyazanyiswa izisekelo zetilongo; kwavuleka khona lapho iminyango yonke, kwathukuluka nezibopho zabo bonke.


Kepha ingelosi yeNkosi yavula iminyango yetilongo ebusuku, yabakhipha, yathi:


Badla, basutha bonke, kwabuthwa imvuthuluka eyasala kubo, iziqabetho eziyishumi nambili.


Abalambileyo ubasuthisile ngezinto ezinhle, abacebileyo ubamukise ze.


“Ngiyakusondela kini ukwahlulela, ngibe ngufakazi osheshayo ngabalumbi, nangeziphingi, nangabafunga amanga, nangabacindezela abaqashwa ngenkokhelo yabo, nabafelokazi, nezintandane, nabachezukisa abafokazi, bengangesabi mina,” usho uJehova Sebawoti.


Ngiyakudelisa umphefumulo wabapristi ngamanoni, abantu bami basuthe ngokuhle kwami,” usho uJehova.


Ngokuba ijoka lomthwalo wabo, nenduku yamahlombe abo, noswazi lomhluphi wabo uyakwaphula njengasosukwini lukaMidiyani.


onika inyama yonke ukudla, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Izakubahlulela abahluphekileyo kubantu, isindise abantwana babampofu, imphohloze onokhahlo.


“Ngenxa yokubandezeka kwabahluphekileyo nangokububula kwabampofu ngizakuvuka kalokhu,” usho uJehova, “ngimbeke ekusindisweni akulangazelelayo.”


UJehova uzazisile, wahlulela; umcuphile omubi emsebenzini wezandla zakhe. Higayoni.* Sela*


Onke amathambo ami azakuthi: “Jehova, ngubani onjengawe, wena okhulula ohluphekayo, yebo, ohluphekayo nompofu komphangayo, na?”


Nkulunkulu, ekuphumeni kwakho phambi kwabantu bakho, ekudabuleni kwakho ihlane, Sela*


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite