Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 143:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngizwise umusa wakho ekuseni, ngokuba ngiyethemba kuwe; ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo, ngokuba ngiphakamisela kuwe umphefumulo wami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Mangizwe ububele bakho ekuseni, ngokuba ngethembela kuwe; ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo, ngokuba umphefumulo wami ngiwuphakamisela kuwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ake ngizwe umusa wakho ekuseni; ngoba ngithemba wena; ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo; ngoba ngiphakamisela umphefumulo wami kuwe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 143:8
23 Referans Kwoze  

Usho kanje uJehova uMhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli, uthi: “NginguJehova uNkulunkulu wakho okufundisile okukusizayo, okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.


UNkulunkulu uphakathi kwawo, awuyikuzanyazanyiswa; uNkulunkulu uyakuwusiza ngovivi lokusa.


Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo; ngizakukululeka ngeso lami.


nezindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho, lithi: “Nansi indlela; hambani ngayo,” noma niphambuka ngakwesokunene, noma niphambuka ngakwesokhohlo.


Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho, ngethabele umusa wakho ekuseni, ngokuba uyinqaba yami, nesiphephelo ngosuku lokuhlupheka kwami.


Ngifundise ukwenza intando yakho, ngokuba wena unguNkulunkulu wami; umoya wakho omuhle mawungihole emhlabathini olelezekileyo.


Ngifundise indlela yakho, Jehova, ungihole endleleni ekhanyayo ngenxa yezitha zami.


Sisuthise ngomusa wakho, kuse sekuseni, ukuze sithokoze, sijabule izinsuku zethu zonke.


Masiphakamise izinhliziyo zethu kanye nezandla zethu kuNkulunkulu ezulwini.


Thokozisa umphefumulo wenceku yakho, ngokuba kuwena, Nkosi, ngiyawuphakamisela umphefumulo wami.


Ngokuba ukuthukuthela kwakhe kuba ngokomzuzwana nje, umusa wakhe uba ngowokuphila konke; kusihlwa kungena ukukhala, ekuseni ukujabula.


Ngiphe ingqondo, ukuze ngiqaphele umthetho wakho, ngiwugcine ngenhliziyo yami yonke.


Izandla zakho zingenzile, zangibumba; ngiphe ingqondo, ukuze ngifunde imiyalo yakho.


Emini uJehova uyaleza umusa wakhe; ebusuku isihlabelelo sakhe sikimi, ngikhuleke kuNkulunkulu wokuphila kwami.


Jehova, ngihole ngokulunga kwakho ngenxa yezitha zami, ulungise indlela yakho phambi kobuso bami.


Masimazi, sijonge ukumazi uJehova; ukuphuma kwakhe kuqinisekile njengokusa; uyakufika kithi njengemvula, njengemvula yamuva enethisa umhlaba.


Wayesethi uManowa: “Nxa esenzekile amazwi akho, iyakuba yini indlela yomntwana, kuyakwenziwani na?”


Wayesethi uDavide: “Abantu baseKeyila bayakungikhaphela mina nabantu bami esandleni sikaSawule na?” Wathi uJehova: “Bayakukukhaphela.”


Londoloza umphefumulo wami, ungikhulule; mawungangijabhisi, ngokuba ngiphephela kuwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite