Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 142:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Bheka ngakwesokunene sami, ubone ukuthi akakho onginakekelayo; isiphephelo singiphuthele, akakho okhathalela umphefumulo wami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Bheka ngakwesokunene sami, uyabona, akukho namunye onginakekelayo, angisenasiphephelo, akekho osawukhathalela umphefumulo wami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngabheka ngakwesokunene sami, ngabona, kepha kwakungekho muntu ongangazi; akakho onakekela umphefumulo wami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 142:4
19 Referans Kwoze  

Ngokuba ngiyakubuyisela ukuphila kuwe, ngelaphe izilonda zakho,’ usho uJehova, ‘ngokuba bakubize ngokuthi Oxoshiweyo neSiyoni elingafunwa muntu.’


Isihlobo nomngane ubaxoshele kude; ubumnyama bungumhlobo wami.


Ngenxa yezitha zami zonke sengaba yisihlamba, ikakhulu kubakhelwane bami ngaba ngobesabisayo abangane bami; abangibona endleleni bayangibalekela.


Kepha konke lokho kwenzekile ukuba kugcwaliseke imibhalo yabaprofethi.” Khona bonke abafundi bamshiya, babaleka.


Engikade ngazana nabo ubaxoshele kude, wangenza ngibe yisinengiso kubo; ngivalelwe, ngingephume.


Ukuthukwa kuyaphulile inhliziyo yami, ngigula kakhulu; bengibheka ukuhawukelwa, kepha akwabakho, nabaduduzayo, kepha angibatholanga.


Ekuziphenduleleni kwami kokuqala kwakungekho muntu ongimelayo, kepha bonke bangishiya; makungabalelwa kubo lokho;


UDavide wathi enhliziyweni yakhe: “Ngiyakubhubha ngelinye ilanga ngesandla sikaSawule; akukho okungcono kimi kunokuba ngibaleke, ngiye ezweni lamaFilisti; uSawule uyakungiyeka, angabe esangifuna emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli, ngiphunyuke esandleni sakhe.”


Abelusi abayikuba nandawo ukubalekela kuyo, izikhulu zomhlambi zingabi nasiphephelo.


Kepha amehlo ababi ayakufiphala; abayikuba nandawo yokuphephela; ithemba labo liyakuba ngukuphuma komphefumulo.”


Ngokuba uJehova uyayazi indlela yabalungileyo, kodwa indlela yababi yobhubha.


Ngathi kuJehova: “UnguNkulunkulu wami wena.” Yizwa, Jehova, izwi lokunxusa kwami.


Ngihlenge ogibeni abangibekele lona, nasezihibeni zabenza okubi.


Umoya wami uphelile kimi; inhliziyo yami igongobele phakathi kwami.


Makuzwakale ukukhala ezindlini zabo, lapho ubehlisela impi ngokuzumayo, ngokuba bembile umgodi wokungibamba, bafihlela izinyawo zami izingibe.


“Abagcina okungumoya nokuyize nje bashiya Othembekile kubo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite