Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 142:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Lapho umoya wami udangala phakathi kwami, wena uyawazi umkhondo wami; endleleni engihamba ngayo bangifihlele ugibe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Lapho umphefumulo wami udangala, Wena uyayazi indlela yami, endleleni engihamba ngayo, bangithukusele ugibe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Lapho umoya wami udangala phakathi kwami, wena wayazi indlela yami. Endleleni engangihamba ngayo bangibekela ugibe ngasese.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 142:3
20 Referans Kwoze  

Ngihlenge ogibeni abangibekele lona, nasezihibeni zabenza okubi.


Abazidlayo bangifihlela ugibe; ngezintambo bendlala inetha; eceleni kwendlela bangibekela izihibe. Sela*


Makuzwakale ukukhala ezindlini zabo, lapho ubehlisela impi ngokuzumayo, ngokuba bembile umgodi wokungibamba, bafihlela izinyawo zami izingibe.


Umoya wami uphelile kimi; inhliziyo yami igongobele phakathi kwami.


Ngikhala kuwe ngisemkhawulweni womhlaba, lapho inhliziyo yami isebuthakathakeni; ngiholele edwaleni eliphakeme kunami.


Inhliziyo yami ishayiwe, ibunile njengotshani, ngokuba ngiyakhohlwa ukudla isinkwa sami.


Ngiyamkhumbula uNkulunkulu ngibubula; ngiyazindla, umoya wami uyaphela amandla. Sela*


Bayabuthana, baqamekele, baqaphele izinyathelo zami, njengokuba beqamekela umphefumulo wami.


Uyakungikhipha enetheni abangicuphe ngalo, ngokuba wena uyinqaba yami.


Ngichithiwe njengamanzi; onke amathambo ami enyele; inhliziyo yami injengengcina, incibilikile phakathi kwezibilini zami.


Ngokuba uJehova uyayazi indlela yabalungileyo, kodwa indlela yababi yobhubha.


Ngokuba uyayazi indlela yami; esengivivinyile, ngiyakuphuma njengegolide.


Khona abaFarisi basuka, bacebisana ukuba bamhile ngezwi.


Uyalinga inhliziyo yami; ungihambele ebusuku, uyangihlolisisa, awufumani lutho; ngiyahlosa ukuba umlomo wami ungaphambuki.


Abantwana babantu bangumoya nje, abantwana bezikhulu bangamanga; esilinganisweni bayakhuphuka, balula kunomoya bonke.


Jehova, yizwa umkhuleko wami; ukukhala kwami makufinyelele kuwe.


Vuka ukhale ebusuku ekuqaleni kwemilindo, uthulule inhliziyo yakho njengamanzi phambi kobuso beNkosi; phakamisa izandla zakho kuyo ngenxa yokuphila kwezingane ezidangala ngendlala ezingosini zezitaladi zonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite